Izinsuku iziyi-7 zendaba kaKhisimuzi: Isikhathi sokuzinikela komndeniIsampula

7 Days of the Christmas Story: An Advent Family Devotional

USUKU 2 KWEZINGU- 7

Usuku 2: uMariya

uMariya ungumama kaJesu. Kumangalisa kanjani lokho? Ucabanga ukuthi kungani uNkulunkulu amkhethela into ebaluleke kangaka? Ucabanga ukuthi uMariya wayeyinkosazana? noma mhlawumbe wayecebile? Ucabanga ukuthi wayedumile? 

uMariya wayengekho kulezo zinto. uMariya wayemncane futhi empofu. Othisha abaningi beBhayibheli bakholelwa ukuthi wayeneminyaka cishe eyishumi nane ngenkathi ekhulelwa uJesu ngoba leyo kwakuyiminyaka ejwayelekile yokuthi amantombazane amancane ashade. uMariya futhi wayehlala emzaneni omncane ongabalulekile kangako. Ngaphezu kwalokho, wayeyintombi nto, okuchaza ukuthi wayengakabi nayo ingane. Wayemncane. Empofu. Engadumile. Engakwazi ukuthola ingane. Ngabe lokho kuzwakala njengomuntu ongamkhetha ukuba abe ngumama kaJesu? Cishe akunjalo. Kepha uMariya wayethobekile.

Ibhayibheli lithi uNkulunkulu uyabahlonipha labo abanenhliziyo ethobekile, abantu ababeka uNkulunkulu phambili noma ngabe kungabalahlekisela okuthile. Ukuzithoba kubukeka njengokungazigabisi ngawe nokusebenzela abanye ungalindelanga ukunconywa. Umuntu othobekile uziphatha sengathi uNkulunkulu kuphela obukayo. Unkulunkulu wakhetha uMariya, intombazanyana esencane eyayingabalulekile emehlweni omhlaba, ukuba ngumama woMsindisi womhlaba. Kungani? Ngoba inhliziyo kaMariya ethobekile yayicacile lapho ephendula ingelosi uGabriyeli futhi wathi “Ngiyamthanda uNkulunkulu. Ngizokwenza noma yini ayicela kimi.

Umsebenzi Womndeni: Hlanganisa wonke amalambu, izikhanyisi zikagesi, noma izibani ezincane ongazithola. kubeke phezu kwetafula. Khanyisa amalambu. Xoxani ngomehluko phakathi kwawo. Hambani nizungeze indlu nixoxa ngokuthi la malambu ahluke kanjani kumalambi aphansi nawetafula. Buza, “Iliphi ithoshi eliyintandokazi yawo wonke umuntu?” futhi “kukhona yini isibani obungeke usisebenzise ngoba sisibi?” Nqumani ngesibani esibi kunazo zonke. Bese nifunda1 Samuweli 16:7 ndawonye. Xoxani ngokuthi noba ngabe isibani sibukeka kanjani into ebaluleke kakhulu ngaso ukukhanya okuvela ngaphakathi. Ngendlela efanayo, noma ngabe udume kangakanani, ubukeka kanjani, unekhono kangakanani, noma ucebe kangakanani ngaphandle, uNkulunkulu ubheka ukukhanya okukhanya enhliziyweni yakhe. Inhliziyo kaMariya yayiwukukhanya okukhanyayo emehlweni kaNkulunkulu!

Imibuzo yengxoxo yomndeni: 

•Yini into eyodwa ocabanga ukuyenzela omunye umuntu ukukhombisa uthando lukaNkulunkulu kepha awukayenzi okwamanje?

•Ungayenza noma ngabe akekho obukayo futhi ungatholi ukunconywa?

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

7 Days of the Christmas Story: An Advent Family Devotional

Kubuseka sengathi sonke sidinga ukwangana okuhle, ukuxhumana kwangempela, futhi nokugubha okuthile okuthokozisayo njengamanje. Umkhuleko wethu ukuthi lenkonzo yokuzifnikela ezayo izokunikeza wena nomndeni wakho indlela yokuxhumana, ufunde ngendaba yangempela kaKhisimuzi, futhi ugubhe ukuzalwa kukaJesu ngamasiko amasha, izindaba zesikhathi sokudla, izingxoxo zokulala, futhi nemisenbenzi yomndeni. Siyethemba kuloKhisimuzi "ukwanga" kuzoletha imicabango emihle ekhaya lakho kulesizini! ezayo!

More

Sithanda ukubonga iMoody Publishers ngokunikela ngalolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.bhpublishinggroup.com/25-days-of-the-christmas-story/