Izinsuku iziyi-7 zendaba kaKhisimuzi: Isikhathi sokuzinikela komndeniIsampula

7 Days of the Christmas Story: An Advent Family Devotional

USUKU 3 KWEZINGU- 7

Usuku 3: uJosefa

uJosefa wayengumbazi osemncane, ethembisene umshado noMariya, lapho emtshela ukuthi uzoba nomntwana. Ujosefa kwadingenga ukuba enze isinqumo esikhulu. Njengoba babengakashadi futhi uMariya ekhulelwe, wayazi ukuthi abantu abangamaJuda ngeke bavume futhi uMariya wayezoba senkingeni. Ngoba uJosefa wayemkhathelele uMariya, wenza isu lokumvikela futhi aqede ukuthembisana kwabo ngokuthula. Kodwa ke, ingelosi yeNkosi yafika kuJosefa ngephupho. “Ungesabi ukumthatha uMariya,” kusho ingelosi. “Umntwana uvela kuMoya oNgcwele.”

uNkulunkulu wakhetha uJosefa ukuba abe ngubaba kaJesu emhlabeni. Kuhle kangakanani lokho? Ngokwesiko lamaJuda, amadoda amaningi awayikhulisi ingane okungeyona eyabo. Ngaphandle kokucatshangwa abanye, uJosefa wayeyindoda eqotho. Ngamanye amagama, uJosefa akashongo nje ukuthi uyakholelwa kuNkulunkulu; wenza futhi lokho uNkulunkulu ayefuna akwenze. uJosefa wamkhulisa uJesu njengo mntwana wakhe, wamfundisa ukuba ngumbazi futhi emthanda ngenhliziyo yakhe yonke. uJosefa wayengeke ashiye uMariya ukuba akhulise uJesu yedwa. Kodwa esikhundleni sokwenza lokhu abantu ababekulindele, wenza lokho uNkulunkulu ayefuna akwenze. Ngenxa yalokho, uJosefa waba nelungelo elingakholeki lokuba ubaba kaJesu.

Umsebenzi womndeni: Dlala umdlalo wobuqotho. Thatha izingcezu ezimbili zephepha. Bhala “Yebo” kwelilodwa iphepha futhi “Cha” kwelinye. Hlukanisa igumbi libe nhlangothi zombili ngentambo noma ucezu lwetheyiphu, beka iphepha elithi “Yebo” kolunye uhlangothi futhi nelinye elithi “Cha” kolunye uhlangithi. Wonke umuntu uzoshintshashintsha ukuveza izimo ezivivinya ubuqotho bomuntu. Ngokwesibonelo, ungabelana ngalesi simo esilandelayo: u-Connor uphula ngephutha incwadi yokubhalela kadadewabo. Lapho embuza ngayo, uthi ubengadlali ngayo. Mema izingane zakho ukuthi zime kuhlangothi luka "Yebo" uma zicabanga ukuthi uConnor wayenza ngobuqotho futhi nohlangothi luka "Cha" uma kungenjalo. Buza, “Yini uNkulunkulu angafuna uyenze?” Linganisa ngokweminyaka.

Imibuzo yezingxoxo zomndeni:

• Yisho umuntu omaziyo ovame ukubonakala enza lokho okufunwa uNkulunkulu noma kungalindelekile.

• Chaza lowo muntu.

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

7 Days of the Christmas Story: An Advent Family Devotional

Kubuseka sengathi sonke sidinga ukwangana okuhle, ukuxhumana kwangempela, futhi nokugubha okuthile okuthokozisayo njengamanje. Umkhuleko wethu ukuthi lenkonzo yokuzifnikela ezayo izokunikeza wena nomndeni wakho indlela yokuxhumana, ufunde ngendaba yangempela kaKhisimuzi, futhi ugubhe ukuzalwa kukaJesu ngamasiko amasha, izindaba zesikhathi sokudla, izingxoxo zokulala, futhi nemisenbenzi yomndeni. Siyethemba kuloKhisimuzi "ukwanga" kuzoletha imicabango emihle ekhaya lakho kulesizini! ezayo!

More

Sithanda ukubonga iMoody Publishers ngokunikela ngalolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.bhpublishinggroup.com/25-days-of-the-christmas-story/