Izinsuku iziyi-7 zendaba kaKhisimuzi: Isikhathi sokuzinikela komndeniIsampula

7 Days of the Christmas Story: An Advent Family Devotional

USUKU 7 KWEZINGU- 7

Usuku 7: Izazi

Izazi, ezaziwa ngokuthi amadoda ahlakaniphile, zahamba zivela empumalanga ziyofuna uJesu. Abafundisi abaningi bebhayibheli bakholelwa ukuthi lawa madoda afunda isanyensi yomkhathi, noma lokho esikubiza ngokuthi i-astronomy namuhla. Bakholelwa ukuthi izazi zazingabantu abahlakaniphile, abacebile, futhi behlonishwa kakhulu. Noma ibhayibheli lingasitsheli ukuthi zingaki izazi ezahamba zaya kobona uJesu, izifundiso zesiko zithi zintathu. Lokho kungenxa yokuthi zaletha izipho zegolide ezintathu, inhlaka, namakha.

Abafundisi bebhayibeli bathi izazi azifikanga endlini kuJesu waze waba phakathi kwezinyanga eziyishumi nesithupha kanye namashumi amabili-nane ubudala. Lapho zingena endlini futhi zimbona uJesu, zaguqa ngamadolo azo, zamnikeza izipho ezinkulu, futhi zakhuleka kuye. Unkulunkulu wabe esebaxwayisa ephusheni ukuthi bangatsheli uHerode ukuthi uJesu ukuphi ngoba uNkulunkulu wayazi ukuthi uHerode wayefuna ukumbulala uJesu. Balalela uNkulunkulu, babuyela ekhaya labo elisempumalanga ngenye indlela.

Izazi kwakungabantu bokuqala bezizwe, noma abantu ababengewona amaJuda, okukhulunywa ngabo ebhayibhellini ukukhonza uJesu njengoMesiya. Babekuqonda ukubaluleka kokuzalwa kukaJesu. Unkulunkulu uqobo wayeze emhlabeni njengomuntu-isipho esihle kangaka esivela ezulwini! Baphendula ngokubuyisela kuYe ngendlela enomusa.

Umsebenzi womndeni:Kulo msebenzi, yibani nomusa njengomndeni. Mema izingane zakho ukuthi zinikeze ithoyizi noma zisebenzise imali yazo ukuthengala isipho umndenni odinga usizo. Hambisa isipho nengane yakho. Noma uholele izingane zakho ukuthi zinikele ngemali yazo ekunikeleni kwesonto. Ngokufanayo, cabanga ngezinye izindlela eningaphana ngazo futhi ninikele ngokwengeziwe njengomndeni. Sebenzisa lo msebenzi ukuxoxa ngokuthi uthando lukaJesu ngabe luyisipho esihle kanjani futhi enye indlela eningambuyisela ngayo kungokuba nesandla esivulekile kwabanye.

Imibuzo yezingxoxo zomndeni: 

• Yisiphi isipho osithandayo owasinikeza omunye umuntu?

• Ukunikela kwakho kukwenze wazizwa kanjani?

Lolu Hlelo luthathwe kwesinye isifundo.Funda www.25ChristmasStories.com 

Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

7 Days of the Christmas Story: An Advent Family Devotional

Kubuseka sengathi sonke sidinga ukwangana okuhle, ukuxhumana kwangempela, futhi nokugubha okuthile okuthokozisayo njengamanje. Umkhuleko wethu ukuthi lenkonzo yokuzifnikela ezayo izokunikeza wena nomndeni wakho indlela yokuxhumana, ufunde ngendaba yangempela kaKhisimuzi, futhi ugubhe ukuzalwa kukaJesu ngamasiko amasha, izindaba zesikhathi sokudla, izingxoxo zokulala, futhi nemisenbenzi yomndeni. Siyethemba kuloKhisimuzi "ukwanga" kuzoletha imicabango emihle ekhaya lakho kulesizini! ezayo!

More

Sithanda ukubonga iMoody Publishers ngokunikela ngalolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.bhpublishinggroup.com/25-days-of-the-christmas-story/