Izinsuku iziyi-7 zendaba kaKhisimuzi: Isikhathi sokuzinikela komndeniIsampula

7 Days of the Christmas Story: An Advent Family Devotional

USUKU 5 KWEZINGU- 7

Usuku 5: Abelusi

NjengoMariya, umama kaJesu, abelusi ababephila ezinsukwini zikaJesu babengenabo ubukhazikhazi obuningi. Babengacatshangwa kakhulu. Ukuba ngumelusi kwakuwumsebenzi onzima, futhi kuwumsebenzi owawuvamise ukushiyelwa umfana osemcane emndenini. Ngisho noDavide, ngaphambi kokuba yinkosi, wayexoshwa kalula lapho esengumfana owelusayo. Kepha uNkulunkulu uvame ukuziveza kubantu abanganakwa kakhulu emhlabeni ukukhombisa ukuthi unendaba kakhulu nalokho okusezinhlizwiyweni zethu.

NgokokaLuka 2, ucishe uzwe injabulo emazwini abelusi njengoba babephuthuma ebetlehema beyofuna uJesu. Bembona Yena ngamehlo abo, bamthanda uJesu, okungukuthi babethanda konke ngaye. Endleleni ebuyela emadlelweni, abelusi abakwazanga ukuthula ngalokho abakubonile.

Batshela wonke umuntu abambonayo ukuthi bamthanda kanjani! Emva kweminyaka, ngesikhathi somsebenzi wakhe, uJesu wathi, “NginguMalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu” (NgokukaJohane 10:11). UJesu wayekhuluma ngokufa esiphambanweni ukukhokhela izono sethu. Mhlawumpe yiso kanye leso sizathu esenza uNkulunkulu asebenzise labelusi ababejabule njengezithunywa Zakhe zokuqala ukwabelana ngezindaba ezimnandi ngokuzalwa kukaJesu!

Umsebenzi womndeni: UMprofethi u-Isaya wathi, “Zimnandi kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, nomemezela ukuthula, obika izindaba ezinhle, ezwakalisa ukusindiswa, oshoyo kulo iSiyoni ukuthi, ‘UNkulunkulu wakho uyiNkosi!’” (U-Isaya 52:7). Cabanga ngezinyawo zabelusi ngalowo Khisimuzi wokuqala begijima emaphandleni bememezela Izindaba Ezinhle zikaJesu! Kusihlwa, sebenzisa izinyawo zakho ukuletha izindaba ezinhle. Qala ekhaya. Ndawonye, khulekani futhi nicele uNkulunkulu ukuthi andise kini ukumdumisa. Bese nenza umkhuleko nihambe nizungeze nakomakhelwane, nikhulekela abantu ezindlini zabo. Sebenzisa lomsebenzi njengesisekelo sokukhuluma nezingane zakho kabanzi mayelana nokuthi ningabelana kanjani ngothando lukaJesu nalabo abaseduze kwakho.

Imibuzo yengxoxo yomndeni:

• Yini othanda kakhulu ukutshela abanye ngayo (ithoyisi, umngane, inkumbulo, njll.)?

• Wake watshela umuntu ngoJesu ngayo leyo njabulo?

Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

7 Days of the Christmas Story: An Advent Family Devotional

Kubuseka sengathi sonke sidinga ukwangana okuhle, ukuxhumana kwangempela, futhi nokugubha okuthile okuthokozisayo njengamanje. Umkhuleko wethu ukuthi lenkonzo yokuzifnikela ezayo izokunikeza wena nomndeni wakho indlela yokuxhumana, ufunde ngendaba yangempela kaKhisimuzi, futhi ugubhe ukuzalwa kukaJesu ngamasiko amasha, izindaba zesikhathi sokudla, izingxoxo zokulala, futhi nemisenbenzi yomndeni. Siyethemba kuloKhisimuzi "ukwanga" kuzoletha imicabango emihle ekhaya lakho kulesizini! ezayo!

More

Sithanda ukubonga iMoody Publishers ngokunikela ngalolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.bhpublishinggroup.com/25-days-of-the-christmas-story/