Kwathi ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke. Lokhu kubalwa kokuqala kwenziwa uKhureniyu engumbusi waseSiriya. Bonke baya kubalwa, yilowo nalowo emzini wakubo. Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide, ukuyobalwa kanye noMariya owayemmiselwe ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe. Kwathi-ke beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe. Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi. Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu. Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.
Funda NgokukaLuka 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 2:1-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo