NgokukaLuka 2:1-11
NgokukaLuka 2:1-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke. (Lokhu kubalwa okokuqala kwenziwa uKhureniyu engumbusi waseSiriya.) Basebehamba bonke ukuyabhaliswa, ngulowo lalowo emzini wakubo. Laye uJosefa wakhuphuka eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya, emzini kaDavide othiwa iBetlehema; (ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide;) eyakubhaliswa kanye noMariya owayemthembise umshado, esekhulelwe. Kwathi beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe. Wazala izibulo lakhe, wayisonga ngezindwangu, walilalisa emkhombeni; ngoba kwakungelandawo yabo endlini yezihambi. Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Bheka, ingelosi yeNkosi yaba phezu kwabo, nenkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke, besaba kakhulu. Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; Ngokuba nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.
NgokukaLuka 2:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngalezo zinsuku, uKhesari Awugustu wakhipha isimemezelo sokuba kubalwe abantu ezweni lonke. Lokhu kubalwa kwabantu kokuqala kwenzeka lapho uKhwiriniyu engumbusi waseSiriya. Abantu bonke bahamba kwaba yilowo nalowo ukuyobalwa emzini wakubo. UJosefa naye wakhuphukela eGalile, emzini iNazaretha, waya eJudiya, umuzi kaDavide, okuthiwa yiBhethlehema, ngokuba wayengowendlu nowolibo lukaDavide, ukuze ayobalwa kanye noMariya owayemethembise ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe. Kwathi beselapho, safika isikhathi sokuba uMariya abelethe. Wazibula ngendodana, wayisonga ngendwangu, wayilalisa emkhombeni, ngokuba beswela indawo endlini yezihambi. Kwakukhona abelusi kulelo lizwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Ingelosi yeNkosi yabonakala kubo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; bagcwala ukwesaba okukhulu. Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi, ngokuba nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, ukuthi namuhla nizalelwe uMsindisi, onguKhristu iNkosi, emzini kaDavide.
NgokukaLuka 2:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke. Lokhu kubalwa kokuqala kwenziwa uKhureniyu engumbusi waseSiriya. Bonke baya kubalwa, yilowo nalowo emzini wakubo. Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide, ukuyobalwa kanye noMariya owayemmiselwe ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe. Kwathi-ke beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe. Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi. Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu. Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.
NgokukaLuka 2:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)