Ukuqiniseka noLisa BevereIsampula

Adamant With Lisa Bevere

USUKU 3 KWEZINGU- 6

Uma wamkela uthando lukaNkulunkulu, okwenzekayo nokufunekayo ukuthi silunike uthando. Kumele sithande ngokungesabi, ngokunqoba nokungapheli. Ubufakazi beqiniso bomuntu owaziyo ukuthi uyathandwa ukuthi uthanda ngempela.

UNkulunkulu akanalo uthando; U- lu thando. Uthando luyimvelo yakhe. Futhi ngoba uNkulunkulu uluthando, ngeke wamenza ukuthi ayekele ukukuthanda. Uthando lwakhe alunqobeki futhi aluguquki, lunganyakaziswa iziphethu nezinkambo zakho.

Kodwa ngoba uNkulunkulu uthanda wonke umuntu, akakwazi ukuthansa yonke into. Ngoba uNkulunkulu uqinisekile othandweni, uqinisekile futhi nasenzodweni.

Lokhu kungahle kuphambane uma ukuzwa, kodwa kungenxa yokuthi usikompilo lwethu lwenze uthando sasithixo. Siyazi ukuthi uNkulunkulu ukuthando, kodwa asenzanga imicabango yethu ngothango ibesankulunkulwana?

Iqiniso ukuthi, uNkulunkulu uyakuzonda okungenzi uthando. Uyakuzonda okudabula labo abathandayo. Yingakho kufanele uNkulunkulu akuzonde okushintsha ubunjalo bethu.

Izwi leNkosi liyasitshela ukuthi uNkulunkulu uyazonda: yonke into ephambana nobulungisa neqiniso, uma abafelokazi nezintandane zicindezelwa, ukuhlukunyezwa kwabadala nokulahlwa kwemindeni, okululaza ubuhle bakhe nokulimaza izipho zakhes, uma uthando lwenziwa impakamo nabangani beba izitha, okuguqula umfanekiso wakhe noshintsha owethu, uma ububi bubizwa ngobuhle nobamsulwa bebulawa, nempakamo isilulaza. Kafushane, uNkulunkulu uzonda konke okwenzela uthando phansi, ngoba konke okwehlisa uthando kwehlisa thina.

Asikwazi ukuba nothando lweqiniso uma "sithanda konke." UNkulunkulu uqinisekile othandweni nasenzondweni, manje kumele sifunde ukuthanda akuthandayo uNkulunkulu sizonde akuzondayo.

Yiziphi izindlela usikompilo lwethu olwenze ucbango wethu ngothando lubesankulunkulwana? UNkulunkulu uthanda bonke abantu, kodwa akakuthandi konke. Leliqiniso libukeka kanjani empilweni yakho?

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Adamant With Lisa Bevere

Liyini iqiniso? Isiko ukuthenga amanga awukuthi iqiniso liwumfula, isiphethu nokuhambisana nokuhamba kwesikhathi. Kodwa iqiniso akusiwo unfula- liyidwala. Futhi ulwandle olunamandla lwemibono, loluhlelo luzokusiza ukwesekela umoya wakho- likunike indlela ekhanyayo kulomhlaba ophithizelayo.

More

Sithanda ukubonga uJohn no Lisa Bevere ngokusinikeza leluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://iamadamant.com.tv