Ukuqiniseka noLisa BevereIsampula

Adamant With Lisa Bevere

USUKU 1 KWEZINGU- 6

Abantu mandulo bebefuna into ababeyibiza nge- adamas. Lelilitshe elingajwayelekile babethi linamandla, liwumazibuthe, likhanya, lingaqhephuki. Ababusi babethi uma bengalithola, bebeyokwazi ukulisebenzisela izikhali yikhona beyohlala benqoba. Emakhulwini eminyaka, amaqhawe ayehamba, eyofuna lelilitshe lemilingo.

Ngiyawuthanda umqondo walokhu. Kukhona into eyisimanga ngalezinkambo sokufuna amatshe emilingo, kodwa akekho owenza lokho kulesikhathi samanje. Manje izinkambo zesishintshile. Akuselona itshe lezimanga elifunwa izwe; kodwa selifuna iqiniso lezimanga futhi elingashintsi.

Ekujuleni, sifuna okuqinile nokungashintsi. NoPontiyusi Pilatu wanbuza uJesu, “Liyini iqiniso?” Kwabaningi, lombuzo unzima—futhi isikhathi eside, bengenankinga ngokungawuphenduli.

Siphila esikhathini la sidinga izingxoxo ezijulile, ubudlelwane obujulile, nokuxhumana noNkulunkulu okujulile, okuyiqiniso. Sisesizukulwaneni esihlutshwe ukubatshazwa, futhi sisala nokufuna okungasho lutho, okya le nale emfuleni weqiniso mbumbulu.

Kodwa iqiniso akuwona umfula. Liyidwala.

Phakathi kokudideka nokuqhudelana, kumele sibheke kuJesu. ULidwala lethu, Ukuqiniseka kwethu: okungasuki nokunganyakaziswa. Simenyiwe ukwenza izimpilo zethu zifane neyakhe—sibekuYe singafani naye kuphela—eyisisekelo sethu. Uyisisekelo esiqinile ezinyaweni zethu kulomhlaba omahhadla.

Uma senza lokhu, usenza siqine, njengaye. Uyitshe lomuzi, kodwa nathi singamatshe aphilayo, akhiwe naye endlini kamoya engumpheme wokuphephela kubo bonke abanyakazisiwe kulomhlaba oshintshashintshayo.

Lokhu kuyingxenye yobizo lwethu njengamaKhristu—ukuma eqinisweni, kungesikho okwethu kuphela, kodwa okwalabo abafuna okuthile abangakhela izimpilo zabo kukho.

Kusho ukuthini kuwe ukuthi uJesu ulidwala? Iziphi izindawo lapho iqiniso selivele lafana namanzi emhlabeni wakho?

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Adamant With Lisa Bevere

Liyini iqiniso? Isiko ukuthenga amanga awukuthi iqiniso liwumfula, isiphethu nokuhambisana nokuhamba kwesikhathi. Kodwa iqiniso akusiwo unfula- liyidwala. Futhi ulwandle olunamandla lwemibono, loluhlelo luzokusiza ukwesekela umoya wakho- likunike indlela ekhanyayo kulomhlaba ophithizelayo.

More

Sithanda ukubonga uJohn no Lisa Bevere ngokusinikeza leluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://iamadamant.com.tv