Ukuqiniseka noLisa BevereIsampula
Ufuna ukwaziwa . . . noma ufuna ukuba nesigqi?
Ukwaziwa nesigqi kubukeka kufana, kodwa kuhlukene. Ukwaziwa kudinga ukuthi ulandele uquqaba noma ulutshele lokho olufuna ukukuzwa. Kodwa isigqi senza umele iqiniso ngaphadle koquqaba.
Ekujuleni, iqiniso alisilo ini, kodwa ubani, ngoba uJesu wathi Yean uliqiniso. UJesu washo futhi ukuthi iZwi likaNkulunkulu liliqiniso. Izwe lithanda ukucabanga ukuthi iqiniso liyanyakaziseka, kodwa iqiniso elikumuntu uJesu naseZwini likaNkulunkulu alishintshi. Ezweni elinemibono eminingi, iqiniso likaNkulunkulu lisiholela ekukholweni esingakhela izimpilo zethu kukho.
Kumele siqaphele ukwazi umehluko phakathi phakathi kwemibono nokwazi. Umhlaba wethu awudingi umsindo ohambisana nemibono eminingi. udinga ukuma okuhambisana neqiniso. Asingangezi emsindweni osisusa nosivimbela ukuthi sibuke kwimiBhalo naseMoyeni Weqiniso.
Imibono ilula ukuyenza nokuyishintsha, kodwa kunzima ukuyilungisa uma singanakekeli ukuyikhuluma nomakanjani. Ingaba ukungcola okungcolisa izimpilo zabanye nezethu. Kumele sinakekele amazwi ethu ukuze siqinisekise ukuthi siba yingxenye yesisombululo ezinkingeni esigcotshelwe ukuzisombulula.
Ngikuphosela inselelo ukuthi ushintshe impilo yakho nokuthi ushintshe amazwi okhetha ukuwakhuluma. Qikelela ukuthi ufundani, ulalelani, uthini, nokuthi uposani. Unganeki izinkinga zomndeni wakho, noma ezebandla okulo, ukuthi zibonwe umhlaba wonke. Kodwa, nomakunjalo, ungathuli ngazo: Khuluma nomndeni ngezindaba zomndeni. Uma umuntu engangeni kuleyonkinga nesisombululo, ungamfaki uma kungenasidingo. Lokhu kwenza inkinga ibenkulu kunokuyixazulula.
Kufana kanjani ukuthula ngezinto ezibalulekile nokuzivuna? Kushoni ukushintsha amazwi akho ukwenza abeyingxenye yesixazululo kunokuba yingxenye yenkinga?
Mayelana naloluHlelo
Liyini iqiniso? Isiko ukuthenga amanga awukuthi iqiniso liwumfula, isiphethu nokuhambisana nokuhamba kwesikhathi. Kodwa iqiniso akusiwo unfula- liyidwala. Futhi ulwandle olunamandla lwemibono, loluhlelo luzokusiza ukwesekela umoya wakho- likunike indlela ekhanyayo kulomhlaba ophithizelayo.
More