Ukuqiniseka noLisa BevereIsampula
Ibandla belijwayele ukubalahla ngecala abangakholwa ngesono nokuziphatha kwabo, kanti akumele kuthukeke ukuthi abantu abangamazi uNkulunkulu benza izinto sokungamkholwa uNkulunkulu. Okumele sizihluphe ngakho, okokuqala, ukuthi ingabe siphila impilo engcwele neguqukile na. Sisamfuna uNkulunkulu, singacela ukuhlakanipha okuveza uMusa Wakhe emhlabeni ngendlela ebamema ukuthi bathole ukuguqulwa kuYe.
Njengabantwana bakaNkulunkulu, sidalwe kuKhristu ukuba siqine njengedayimane kodwa sibemnene njengembali.
Siphila emhlabeni ogwalisa okwashiwo uPawulu KwabaseRoma 1. Abaningi bethu baluyekile ulwazi nobukhona bukaNkulunkulu futhi abasakwazi ukubona okubalulekile ngombono Wakhe ngoluntu.
Kodwa zibuze, ukukhala ngobubi bosuku lwakho bushintsheni? Okubuhlungu ukuthi, saziwa kakhulu ngalokho esimelene nakho kunalokho esikume ngakho. Ubungcwele nokuguqulwa esikufunayo osikwenimpilo lwethu angeke kuze ngokulahla nokwahlulela, kodwa uma sikhuluma ngezinto simelwe ukuqala sikhulule uthando nomusa kaNkulunkulu, umhawu, nethemba kulabo abadingayo.
Umusa kaNkulunkulu uhlala uyisimemo kithi ukuthi sibuyele eqinisweni, kunokuvuna isono. Yingakho sidinga ukuhlkanipha. Ngezinye izikhathi, senza ngathi kungumusa ukuthi sithi isono akusiso isono ngoba singafuni abantu baphoxeke. Kepha, sidinga ukukwazi ukubiza isono ngalokho okuyiso, kodwa kwenze lokhu ngendlela ekhulula ithemba kunokulahlwa.
Ubungcwele osikwenimpilo yethu buqala ngathi sizinikela uqobo lwethu kuNkulunkulu. Kunesizukulwane esinentshisekelo yenguquko, futhi silinde ukuyibona kithi.
UNkulunkulu uthi uziphilisa izwe lapho abantu bezithoba bekhuleka, hhayi uma izinto zenzeka ngendlela kuhulumeni wezwe. Kusho ukuthini lokhu kuwe?
Mayelana naloluHlelo
Liyini iqiniso? Isiko ukuthenga amanga awukuthi iqiniso liwumfula, isiphethu nokuhambisana nokuhamba kwesikhathi. Kodwa iqiniso akusiwo unfula- liyidwala. Futhi ulwandle olunamandla lwemibono, loluhlelo luzokusiza ukwesekela umoya wakho- likunike indlela ekhanyayo kulomhlaba ophithizelayo.
More