Ukuqiniseka noLisa BevereIsampula
Akekho okhula engathintekanga ubumnyama. Sonke sizwa amazwi ngezilinganiso ezithile, esehlulela futhi esilulaza. Abaningi, noma bonke, kithina sizinikele anagama asilulazayo futhi- izikhundla zamanga esizitshela ukuthi ziyiqiniso.
Uma uNkulunkulu esondela kithi, usuke engasilahli ngecala, kodwa usuke esisondeza kuYe ukuze sizwe iZwi lakhe limemezela iqiniso ngobunjalo bakho.
Iqiniso wukuthi: Asisibo ubumnyama bemuva lethu. Futhi asisiwo amaphutha ethu, ubulili, noma ngabeyini engaphandle. Kodwa, siyimimoya edalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, enzelwe ukujula kobudlelwano naLoyo owasinika umphefumulo.
Silahlekelwa ubunjalo bethu uma sizinamathelisa ezintweni ezimbi. Yingakho uNkulunkulu ezosusa kithi amagama esiwacoshile ngobude bendlela. UMoya wakhe usebenza ekujuleni kwethu, ususa okudala futhi wembula okungakabonakali.
Mhlawumbe ukwesaba kukwenze wanqaba umsebenzi kaNkulunkulu empilweni yakho. Kodwa namuhla, uNkununkulu ukhuluma nalezozindawo kuwe owaucabanga ukuthi ziwugeadule, ufuna ukuzenza zibe ingadi futhi.
Kodwa besifuna ukuthi uNkulunkulu ahlukanise ukukhanya ebumnyameni ezimpilweni zethu. Angeke uNkulunkulu avume amanga akhulunywe empilweni yakho ahlale. Angeke avumele izinto ozikhulume kuwe zihlale njalonjalo. Kunalokho, uzosondela eduze nawe yikhona ezokwambula okusha okujuliler kuwe, okuzoletha ukuohila okuphelele kubo bonke ubuhlungu bakho, ukukukhulula ukuthi uphile eqinisweni lalokhu athi Yena uyikho wena.
UNkulunkulu ujule ngokuqinisekile. Uzoya ekujuleni kobuhlungu bakho ukukuphilisa, kodwa kumele umvumele akwenze. Kungabukeka kanjani lokhu empilweni yakho?
Mayelana naloluHlelo
Liyini iqiniso? Isiko ukuthenga amanga awukuthi iqiniso liwumfula, isiphethu nokuhambisana nokuhamba kwesikhathi. Kodwa iqiniso akusiwo unfula- liyidwala. Futhi ulwandle olunamandla lwemibono, loluhlelo luzokusiza ukwesekela umoya wakho- likunike indlela ekhanyayo kulomhlaba ophithizelayo.
More