Zonke Izinto ZintshaIsampula

All Things New

USUKU 5 KWEZINGU- 5

Khumbula uPawulu wachazela abaseKhorinte ukuthi ukungasheshi afike kwakuvela enhliziyweni eqinisile.

Ubuqotho buphelelwe ubunjalo babo esikhathini sethu sokuphila, kuningi ukukhohlisa, ukumboza iqiniso, ukuphendula okungenaqiniso, amanga, nokuncoma kwamanga. Ngabe ucebe kangakanani umzimba kaKhristu ukube besicolisekile sineqiniso komunye nomunye, nasezweni lonkana?

Singahle singabatsheli abantu ngokweqiniso yebo uma sisho ukuthi cha, noma cha uma sisho ukuthi yebo, kodwa sikwenza ngndlela enganakekanga.

Uma besingama lana besizobe sibenesifundo esisizayo eqinisweni nasekubeni namandla. Kodwa uPawulu unokuningi okwethu kunokwengeza ubuqiniso kuwe.

Okwehlukile ngempilo yamaKhristu ukuthi akumayelana kuphela ngokuziphatha kahle noma ukuba abantu abahle abangamaKhristu. uPawulu wayesechithe isikhathi esiningi sempilo yakhe kulowomkhakha, ukuzuza iimfudo ekhazimulayo yobuJeda, ukuba ilunga labaFarisi, ukuqeqeshwa abafundisi abaphezulu, nokulunga kwemvelo okungenasici. Kodwa wathola ukuthi konke "ukulunga” akumzuzelanga lutho kodwa inqwaba yobulongwe (Phil. 3:8).

Manje ngoba esechaza ngezenzo zakhe kwabaseKhorinte, uthi ukukhuluma nje kubo kungehambelane nezinto eyizisisekelo zalokho akukholwayo: uNkulunkulu wethembekile. Akaqambi amanga. Akawazi ukubuyela eZwini laKhe. Wenza isithembiso sesivumelwano ukubuyisa abantwana baKhe, futhi zonke izithembiso zingu "yebo" kuJesu. NoJesu ungu yebo kuNkulunkulu empilweni enenjongo nethemba esiyilangazelelayo (2 Cor. 1:19-20). Ngamanye amagama, “Mayelana [noJesu], zonke izithembiso zikaNkulunkulu zithola u ‘yebo’ njengempendulo.” Uma uNkulunkulu ebengasiye oshintshashintshayo ngo yebo no cha wakhe, noPAwulu ubenganjalo.

Mhlawumbe enye yezizathu ezenza ukuthi singabi neqiniso ebudlelwaneni bethu ukuthi asizinzanga ku "yebo" kaKhristu. Ngiyazi angenzanga ngendlela, kwesinye isikhathi ngakhohlisa, ezimweni ngoba ngangifuna ukwenza impilo yami ihambe ngendlela yami. Ukunamathela ku yebo noma u cha kwenza leyondlela yami ibesengcupheni. Kodwa uma ngikwazi ukuthemba ukwethembeka kuNkulunkulu, ubuYena nokubusa kwakhe empilweni yami, asikho isidingo sokukhohlisa nokungabi naqiniso.

Sesivala lesisifundo, iyipho indawo ekuthintile?

Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

All Things New

Kuloluhambo ku 2 Kwabasekhorinte, Zonke Izinto Zintsha ibuka ivangeli likaPawulu lokukholwa olunezigameko kulomhlaba kanye nokubizelwa uNkulunkule kwethu ekuqineni. Ukelly Minter usisiza ukuqonda ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi uhambo lwamaKhristu luhluke emvelweni ejwayelekile, kodwa lube lukhombisa ubungcono obungenamkhawulo baphakade. Kuloluhlelo lwezinsuku ezi-5, uzofunda ngalokhu: wenzenjani ngobudlelwane obunzima, ukuthemba uNkulunkulu ngokwaziwa kwakho, ukuzisekela ngokuthi ungubani kuKhristu, ukuqonda injongo yokuhlupheka nokuhlinzekwa uNkulunkulo kukho, nokuthi singaba ukukhanya kanjani emhlabeni ngevangeli.

More

Sithanda ukubonga i LifeWay ngokusinikeza loluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.lifeway.com/allthingsnew.tv