Zonke Izinto ZintshaIsampula

All Things New

USUKU 4 KWEZINGU- 5

Uma kukhona okwangithinta ngokufunda incwadi yabaseKhorinte 2, wukuthi uPawulu akahlehli ezimweni ezinzima. Sizongena kukho futhi, kodwa abaseKhorinte babenezinto ababenazo ngoPawulu, njengokuthi wayengezi ngesikhathi ayethi uzoza ngaso. Kodwa ngaphambi kokuthi achaze ngokwenza kwakhe, uvula inhliziyo yakhe ngabo.

Ibandla alizange lamkele kahle uPawulu kwabaseKhorinte 1. Owayesebenza noPawulu, uThimothewu, wayevakashile eKhorinte ngemva kokubhala kukaPawulu incwadi, ekhuluma ngezinkinga ezinkulu—izimo zokuziphatha, ukukholwa okunezici, namaqembu ebudlelwanweni, phakathi kokuningi. Ngokunjalo uPawulu wasuka ngomkhumbi kwelaseEfesu way eKhorinte ukuthi azodingida lezizinto mathupha, akuchaza kwabaseKhorinte besibili 2:1-2 njengo “vakasho losizi.”

Umbhalo wanamuhla uveza ukuthi abaseKhorinte babembuzile uPawulu ngenjongo yokufika kwakhe. Noma ayebathanda, abamelene naye babefake umoya ebandleni laseKhorinte, bafaka ukungabaza kulokho okuyiqiniso nokuqiniseka kukaPawulu kubo. Ngingafaka yini lana ukuthi, ngokwami, lokhu okubi kakhulu. Angithandi ukungezwakali, ikakhulukazi esimweni lapho ngenze konke, ngadela, ngama, noma ngenza konke ngenzela omunye. Angisho ukuthi kwenzeka njalo kimi, kodwa uma kwenzeka ngibambili ngithi: 1. Ngimthembe yini uNkulunkulu ngami, ngephumule ngokuba nonembeza omsulwa phambi kwaKhe (v. 12)? 2. Ngingaqhubeka ukuthanda labo abangimangalelayo?

Empeleni akumnandi ukuzwa omunye ethi uyazivikela ngokuthile. Singacabanga ukuthi impendulo ekahle ukuthi sithule singazichazi. (Izaga 9:8 uthi angamkhuzi osolayo.) Kodwa kwesinye isikhathi ukuzichaza akufanelekile kuphela, kodwa kubalulekile kulobobudlelwane. Manje wazi kanjani ukuthi uzivikele noma cha? Nansi indlela yokuthola: Uma ukuzivikela kudalwa ukufuna ukuzikhusela nokufuna ukuziphakamisa nentukuthelo, nokwesaba, nokululunga kwemvelo, kuvela kakhulu enyameni. Kodwa, uma ukuzivikela kuvela othandweni lwabanye nokuzithoba, nobumnene, neqiniso, kuvela kuMoya. Qonda ukuthi kuyo yonke lencwadi uPawulu wayezivikela, hhayi ngoba ezivikela nje, kodwa ngenxa yothando lwabaseKhorinte.

Ithini endlela oyijwayele uma ungaqondwa noma ubhecwa ngecala ongalazi?

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

All Things New

Kuloluhambo ku 2 Kwabasekhorinte, Zonke Izinto Zintsha ibuka ivangeli likaPawulu lokukholwa olunezigameko kulomhlaba kanye nokubizelwa uNkulunkule kwethu ekuqineni. Ukelly Minter usisiza ukuqonda ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi uhambo lwamaKhristu luhluke emvelweni ejwayelekile, kodwa lube lukhombisa ubungcono obungenamkhawulo baphakade. Kuloluhlelo lwezinsuku ezi-5, uzofunda ngalokhu: wenzenjani ngobudlelwane obunzima, ukuthemba uNkulunkulu ngokwaziwa kwakho, ukuzisekela ngokuthi ungubani kuKhristu, ukuqonda injongo yokuhlupheka nokuhlinzekwa uNkulunkulo kukho, nokuthi singaba ukukhanya kanjani emhlabeni ngevangeli.

More

Sithanda ukubonga i LifeWay ngokusinikeza loluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.lifeway.com/allthingsnew.tv