Zonke Izinto ZintshaIsampula

All Things New

USUKU 2 KWEZINGU- 5

Ngake ngacabanga ukuthi uma ngimthanda nami uNkulunkulu futhi ngenza izinqumo eziphusile nezisekelwa iBhayibheli, ngizobusiswa ngendlela ethile ukuba nempilo emnandi, engenabuhlungu noma ukugula. Uma sengikhula, ngabona ukuthi ukulandela uNkulunkulu akusho lokho. Nomakunjalo, ngathithi uma ngenza kahle, uNkulunkulu wayefanele ukwenza kahle kimi: angakhele lempilo engiyifunayo ezweni lethu eMelika futhi angivikele enuhlungwini.

Ukuze kwaziwe, ngiyakholwas ukuthi ukulalela kuletha izibusiso nokuthi uNkulunkulu uyathanda ukusinika izipho eziphathekayo nasebudlelwaneni, ekwenza ngoba simlandela. Noma kunjalo, ukuqonda kwami kokuthi ukuhlupheka kungena—noma akungeni kanjani—esithombeni senkolo yobuKhristu kwakunganele. IBhayibheli lembula ukuthi ukuhlupheka kunendawo yakho ezimpilweni zethu, incwadi yamaHebheru 2:10 ichaza ukuthi uJesu wenziwa kanjani waphelela ngenhlupheko. Engingakutholanga ekukhaleleni kwami izinto ezizongiphatha kahle nokuzama ukuzikhusela kulokho engangikusaba "kungehlela" (ngamagama kaJobe) kwakulula: ukuhlupheka kuyingxenye yesibusiso.

Ukucabanga ngokuhlupheka akungakusabisi ngoba uNkulunkulu ukhona impela ekuhluphekeni kwethu. Kodwa lokho akusho ukuthi impilo kumele kube yileyo yobuhlungu, yokubulawa, nokuba izisulu ngenxa yegama likaJesu. Okusobala ukuthi, akumele sesabe ukuhlupheka, kodwa akumele siphequlule ngaphansi kwamadwala sikuzingela.

UPawulu uqala incwadi yakhe kwabaseKhorinte ngokuveza izindlela ezimbili ubunjalo bukaNkulunkulu buhlangabezana nayhi enhluphekweni (ukuhlupheka nokuhlushwa). Buka ukuthi uPawulu akashongo ukuthi uNkulunkulu unguBaba omnene, noma enjalo, kodwa wathi unguBaba wobumnene. Uyisisuka nesiqalo yozwelo lonke. Uyisiphethu sokuqala esisodwa salo lonke uzwelo—uBaba okuvela kuye lonke uzwelo. Lokhu kuwukushintsha kokucabanga komuntu obona uNkulunkulu njengalowo oba nozwelo izikhashana ezithile kuphela.

Asibuke isiqalo solwimi lwegama isihe (uzwelo). Lisho “Amathumbu lapho uzwelo luhlala khona, inhliziyo yozwelo, imizwa, ukufisa, ukuvela kozwelo ” noma “ngaphakathi.” Uma sibuka ukuthi lisho ukuthini leligama, sithola sithola ukuthi kunokuningi ngemizwa. Ngokwemibhalo, ngifuna wazi namhlanje ukuthi uNkulunkulu unemizwa ngawe. Unozwelo futhi ukuthanda ngesihe.

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

All Things New

Kuloluhambo ku 2 Kwabasekhorinte, Zonke Izinto Zintsha ibuka ivangeli likaPawulu lokukholwa olunezigameko kulomhlaba kanye nokubizelwa uNkulunkule kwethu ekuqineni. Ukelly Minter usisiza ukuqonda ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi uhambo lwamaKhristu luhluke emvelweni ejwayelekile, kodwa lube lukhombisa ubungcono obungenamkhawulo baphakade. Kuloluhlelo lwezinsuku ezi-5, uzofunda ngalokhu: wenzenjani ngobudlelwane obunzima, ukuthemba uNkulunkulu ngokwaziwa kwakho, ukuzisekela ngokuthi ungubani kuKhristu, ukuqonda injongo yokuhlupheka nokuhlinzekwa uNkulunkulo kukho, nokuthi singaba ukukhanya kanjani emhlabeni ngevangeli.

More

Sithanda ukubonga i LifeWay ngokusinikeza loluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.lifeway.com/allthingsnew.tv