Zonke Izinto ZintshaIsampula

Uma uPawulu ekhuluma ngezinhlipheko zikaKhristu zichaphazeleka ezimpilweni zethu, kungenzeka usho lokhu: 1. Ukuhlupheka ngenxa kaKhristu. 2. Ukuhlupheka okubekelwe thina nguKhristu. 3. Ukuhlupheka okumayelana noKhristu. 4. Ukuhlupheka njengoKhristu.[1] Engikholwa ukuthi kubalulekile ukuthi sikwazi ukuthi njengamakholwa, sihlupheka ngendlela ethile ehlukile futhi ehlangene noKhristut. AmaKhristu amaningi ahlupheka kakhulu emhlabeni wonke futhi amanye ahlupheka kancane, kodwa kabuhlungu, ngenxa yokukholwa kwabo. UPawulu wabona ukuthi kukhona ubudlelwane noJesu obuvela ekuhluphekeni ngoba akekho okwaziyo ukuhlupheka njengaYe.
Angikahlangani nomuntu okujabulelayo ukuhlupheka, kodwa baningi abathole ukujula kod=budlelwano noJesu phakathi kokuhlpheka kwabo. Kukhona izinto ngoJesu ongekwazi ukuzazi endleleni elula, futhi uma usukunambithile ukujula kobudlelwano naYe angeke wafuna indlela elula. Ngaphezu kokuzikwela ubudlelwano obukhethekile noJesu (Phil. 3:10), uPawulu uveza esinye isizathu esenza ukuhlupheka kulethe isibusiso.
Njalo uma ukuhlupheka kukaKhristu kuchaphazeleka ezimpilweni zethu okuphumayo kithi ukunethezeka kukaNkulunkulu (2 Cor. 1:5). Kuhle lokhu!
Enye yezinto ezinhle esizitholayo emibhalweni itholakala evesini lika 4, “Uyasiduduza kukho konke ukuhlupheka kwethu, ukuze siduduze labo abasezinhluphekweni eziyinhlobonhlobo” (HCSB). Uma sihamba ebunzimeni, kunzima ukubona ngale kobuhlungu bethu. Kodwa sithola injongo ekuhluhekeni kwethu uma sibona ukuthi esidlula kukho kuletha ukududuzeka kwabanye abadlula ezimweni ezifanayo.
Ukuhlupheka kukaKhristu nokududuza kwaKhe kugijima ndawonye ezimpilweni zethu. NjengamaKhristu, akumele sihlupheke ngaphandle kokududuzeka kukaKhristu, futhi ngiyakholwa ukuthi kukhona ukududuzeka esingeke sakwazi uma singakwazu ukuhlupheka kwaKhe. Uma udlula ekulingweni, mhlawumbe okungabekezeleleki nokungaphezu kwamandla akho, donsa ekududuzeni kukaNkulunkulu okudlula kuJesu kuza kuwe. Wakuthembisa esilinganisweni sobuhlungu bakho. Uma uhlangene nenduduzo kaNkulunkulu, uyokwazi ukuthoba amanxeba omunye osesimweni esifanayo ngoba ukududuza kukaNkulunkulu kuyachichima emvelweni. Unokuningi ongabelana ngakho.
[1] David E. Garland, The New American Commentary, Volume 29, 2 Kwabasekhorinte (Nashville: Broadman & Holman Publishers, 1999) accessed on August 7, 2017 via mywsb.com.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo

Kuloluhambo ku 2 Kwabasekhorinte, Zonke Izinto Zintsha ibuka ivangeli likaPawulu lokukholwa olunezigameko kulomhlaba kanye nokubizelwa uNkulunkule kwethu ekuqineni. Ukelly Minter usisiza ukuqonda ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi uhambo lwamaKhristu luhluke emvelweni ejwayelekile, kodwa lube lukhombisa ubungcono obungenamkhawulo baphakade. Kuloluhlelo lwezinsuku ezi-5, uzofunda ngalokhu: wenzenjani ngobudlelwane obunzima, ukuthemba uNkulunkulu ngokwaziwa kwakho, ukuzisekela ngokuthi ungubani kuKhristu, ukuqonda injongo yokuhlupheka nokuhlinzekwa uNkulunkulo kukho, nokuthi singaba ukukhanya kanjani emhlabeni ngevangeli.
More