Zonke Izinto ZintshaIsampula
Impilo yobuKhristu iyindida. Okuyigugu kuJesu kuphambene nesinamathele kukho empilwenin yethu yemvelo.
Incwadi yabaseKhorinte besibili iyincwadi eveza izimpambano. Incwadi yokukholwa kwamandla okubambelela ngethemba lonke kuNkulunkulu, noma ukuthemba emandleni ethu kuyilokhu esikujwayele nesiphila ngako. Kumayelana nokuthula okuzinzile emoyeni wethu njengasekujuleni kolwandle okuza ngoba izono zethu zingasenakubalelwa kithi ngoba uNkulunkulu waletha Indodana Yakhe uJesu emhlabeni, owathathela kuYe izono zethu. uPawulu uthi lokhu kuwukubuyisana.
Mhla uPawulu efika ngmihla yo 50 A.D., iKhorinte yayisesicongweni yentuthuko yayo. Isizinda sezentengiso eningizimu yezwe lamaGreki, iKhorinte yayiphumelela, icebile, ihlanganisa ingxubevange yesikompilo lamaGreki namaRoma. Idolobha laseKhorinte lasemandulo lalinayo yonke owawungayifuna. Kodwa njengoba sazi: ukuthi sikwazi ukufinyelela kukho konke esingakufuna kujwayele ukuthi kugcina kungasikho lokho ebesicabanga ukuthi siyakufuna.
Ukuceba kosikompilo lwaseKhorinte kwakunokungathandeki kwakhona, njengamadolobha ethu anamhlanje. Ubuyengandoda, ubugqila, nokungaziphathi kahle kwezinhlobo zonke kuhlangene. Onkulunkulu bamanga yonke indawo.
Lencwadi iyangikhuthaza ngoba uma ibandla lasebenza eKhorinte, lingasebenza kuzo zonke izindawo mina nawe esihlala kuzo. Nguyavuma ukuthi kwesinye isikhathi ngicabanga ukuthi izwe lethu selonakele kakhulu ngobudlova, ukucwasa, nokungaziphathi kahle. Kodwa, uma ivangeli likaJesu laguqula amayengandoda aseKhorinte, izicebi ezingabacindezeli, nabaholi bamasinagogi, ivangeli likaJesu Khristu lingayiguqula impilo yabantu abasemadolobheni anamuhla. Futhi noma ngilingeka ukucabanga ukuthi abantu bakaNkulunkulu batholakala kuphela ezindaweni zenkolo, uNkulunkulu wayenabantu eKhorinte. Njengoba Enami nawe kusikompilo esizithola siphila kulo. AbaseKhorinte besibili basikhumbuza ukuthi ibandla likaNkulunkulu likhazimula kakhulu ebumnyameni kunezindawo ezisuke sezikhanya.
Ma usafunda 2 Kwabasekhorinte, uzibuke lezizimpambano. Buka indlela uPawulu athnda ngayo abaseKhorinte. Uma ubuka zonke lezizimpambano, ungakhohlwa neze ukuthi unukwe amandla okuphila kahle nangendlela ekhethekile ngoba—kusuka ekufeni nasekuvukeni kukaJesu—okudala kudlulile, sekuvele okusha. Mhla ngibheka, okudala nokusha nakho kuyizimpambano impela.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Kuloluhambo ku 2 Kwabasekhorinte, Zonke Izinto Zintsha ibuka ivangeli likaPawulu lokukholwa olunezigameko kulomhlaba kanye nokubizelwa uNkulunkule kwethu ekuqineni. Ukelly Minter usisiza ukuqonda ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi uhambo lwamaKhristu luhluke emvelweni ejwayelekile, kodwa lube lukhombisa ubungcono obungenamkhawulo baphakade. Kuloluhlelo lwezinsuku ezi-5, uzofunda ngalokhu: wenzenjani ngobudlelwane obunzima, ukuthemba uNkulunkulu ngokwaziwa kwakho, ukuzisekela ngokuthi ungubani kuKhristu, ukuqonda injongo yokuhlupheka nokuhlinzekwa uNkulunkulo kukho, nokuthi singaba ukukhanya kanjani emhlabeni ngevangeli.
More