Ukufuna

Ukufuna

7 izinsuku

Kulolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezingu-7, u-Beth Moore usebenzisa imibuzo evela emiBhalweni ukukuholela ebudlelwaneni obuseduze nalowo okwazi kangcono. Uphawu lokubuza ekugcineni komusho lukhuluma ngelukuluku, isithakazelo, futhi mhlawumbe nokungabaza. Umbuzo uyisimemo sokuba sengozini, ebudlelwaneni. Ibhayibheli alikugwemi ukumenywa okunjalo. Ngokuphindaphindiwe sibona abantu bakaNkulunkulu bebuza imibuzo kuMdali wabo. Sibona futhi uNkulunkulu wendawo yonke ebuza imibuzo ngendalo Yakhe. Usesho luyinselele yokwamukela isimemo.  Funda ukumba eZwini, ukuphendula imibuzo kaNkulunkulu, nokuletha imibuzo yakho phambi Kwakhe. Vumela uphawu lokubuza kube ibalazwe elikukhomba ebudlelwaneni obuseduze noBaba.

Sithanda ukubonga u-Beth Moore ne LifeWay Women ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.lifeway.com/thequest
Mayelana Nomshicileli

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo