UKristu, uJona wethu OmkhuluIsampula
Ukubhekana Nezivunguvungu Zethu SinoKristu
Ngakho, njengamaKristu, lezi zindaba ezimbili zencwadi kaJona neVangeli likaMarku zisifundisani ngendlela okufanele sibhekane ngayo nezivunguvungu zasempilweni? Sibhekana kanjani nobunzima bazo ukuze izimpilo zethu zobuKristu zingabi nje isikhathi eside esidabukisayo, esingenakuqiniseka ngalutho nokubhekana nesivunguvungu emva kwesinye?
Kwakungemva kokufa nokuvuka kwaKhe kuphela lapho abafundi babezoqonda khona ubunjalo bangempela bukaKristu njengoNkulunkulu iNdodana, owayenegunya eliphelele phezu kwemvelo, naphezu kwazo zonke izehlakalo nezimo njalo, ikakhulukazi empilweni yabantu baKhe.
Abafundi babezoqonda kamuva ukuthi nakuba uKristu wayengakhetha kalula nje ukugwema ukuboshwa nokubethelwa esiphambanweni, kwakungenxa yothando lwaKhe olukhulu ayenalo ngabo okwamenza wakhetha ukuya esiphambanweni esikhundleni sabo.
Isibonelo,kuJohane10:17-18, uJesu washo lokhu:Ngidela ukuphila kwami, ukuba ngibuye ngikuthabathe. Akakho ongangamuka ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami; nginamandla okukudela, nginamandla okubuye ngikuthabathe.
Ngenxa yami nawe, iqiniso lokuthi, esiphambanweni, uKristu Jesuwabhekana ngokuzikhethela nesivunguvungu solaka lukaNkulunkulu phezu kwesono, wasibekezelela ngenxa yethu, liyasiqinisekisa ukuthi iNkosi ngeke neze isilahle ezivunguvungwini zasempilweni yethu, ngisho nalapho sikhulekile, sakhuleka, saphinda sakhuleka, futhi kubukeka sengathi uNkulunkulu ulele wasilibala.Akalele.KumaHubo121:4, isibonelo, uMbhali wamaHubo usikhumbuza ukuthi uNkulunkulu, osiqaphile,akozeli futhi akalali.
UNkulunkulu uhlale enathi, ehlezi qingqo, naphakathi kwezivunguvungu zasempilweni yethu, futhi ngesikhathi esifanele, izivunguvungu ezifika kithi uzozikhuza zithule cwaka ngandlela thize, njengoba siqhubeka sibheka kuYe ngokholo.
Labo I abathathu3(inevitable, intense, identity) bachazaukuthi lapho umKristu ebhekene nesivunguvungu sokugula okuthile okubucayi kakhulu futhi angasindi, noma lapho ibhizinisi lomKristu liwa, noma lapho umshado womKristu uphela ngesahlukaniso esibuhlungu, akusikho ukuthi uJehova uye walala phakathi nezivunguvungu zabo.
Kunalokho, kumane kusho ukuthi, kumKristu ofayo, iNkosi imvumele ukuba awele esuka ekufeni kwenyama eya ekuphileni komoya okuphakade (ekaJohane 5:24). Kusho ukuthi iNkosi inezinye izinkambo ngaphambili azibekele umKrestu obe nesahlukaniso, kanjalo nasemndenini wamaKrestu ophelelwe ibhizinisi lawo.
Ngakho-ke, namuhla, sengathi singathola isibindi eqinisweni lokuthiubunjalobukaJesuKristu njengoJona wethu omkhulu ohlengayo busenza sikwazi ukuchusha ezivunguvungwini zasempilweniezingagwemeki, noma ngabezinamandlakangakanani.
Mayelana naloluHlelo
UJona 1:1-17 noMarku 4:1 & 35-41 basinikeze umbono wevangeli okokuqala, mayelana nokungagwemeki kwezivunguvungu zasempilweni, okwesibili, amandla alezi zivunguvungu, futhi okwesithathu, ukuthi ubunjalo bukaJesu Kristu, uJona wethu omkhulu, busenza kanjani sikwazi ukubhekana ngempumelelo nalezi zivunguvungu zasempilweni.
More
Sithanda ukubonga i-Returning to the Gospel - Southern Africa ngokusinikeza lolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://returningtothegospel.com/