UKristu, uJona wethu OmkhuluIsampula

UKristu, uJona wethu Omkhulu

USUKU 3 KWEZINGU- 5

Ukuqina Kweziphepho Zethu

Indima yama-37isitshela ukuthi isiphepho esinamandla sashaya amanzi eChibi ngamandla amakhulu kangangokuthi amagagasi akhalakathela emkhunjini, kwaze kwangathi umkhumbi uyacwila.

Abafundi babengabadobi ababengomakad’ ebona abase bechitha impilo yabo bedoba kuleli chibi. Babelazi ukusuka nokuhlala leli Chibi. Nokho, manje ngenxa yokudloba kwalesi siphepho, babona ukuthi wonke amakhono abo okuzulazula echibini nolwazi lwabo kwakungeke kubasize. Baqaphela ukuthi babedinga usizo olungaphezu kwamakhono omuntu kanye nolwazi lwabo njengabantu.

Lokhu, ngicabanga ukuthi, kufana nathi. Lapho sibhekana nezinselele ezivamile empilweni yethu yazinsuku zonke njengoba sizama ngakho konke okusemandleni ukuzixazulula futhi siqhubeke nempilo. Sixoxela imindeni nabangane bethu ngobunzima esisuke sibhekene nabo, futhi sibacele ukuba bame nathi emthandazweni, njengoba kufanele kube njalo.

Uma izinkinga zethu zidinga usizo lochwepheshe, siyahamba siyobona udokotela, noma ummeli, noma uchwepheshe wezezimali, nanoma yimuphi uchwepheshe. Kodwa kunezivunguvungu ezifika kithi ngamandla kangangokuthi siye sibone ukuthi usizo lwangempela lungavela kuphela ngamandla angaphezu kwawemvelo evela eNkosini uqobo lwaYo.

Uma sibuka abafundi kulesi siphepho, sifundaindima yama-38ukuthi uJesu wayesemuva emkhunjini, ecamele emqamelweni. Kusobala ukuthi wayekhathele emva kokushumayela nokufundisa izixuku usuku lonke. Abafundi bamvusa besaba, bathi kuYe: “Mfundisi, awukhathali uma siminza na?”

Futhi, lokhu kufana nakithina. Njengoba sibhekene nezivunguvungu ezifika kithi, siyazila sikhuleke siphinde sizile sithandaze futhi, kodwa ngezinye izikhathi njengabafundi, kubonakala sengathi iNkosi ilele futhi ayisinakile ngoba sibona kungekho shintsho, futhi sizwa sengathi singamemeza ngokutatazela eNkosini, njengabafundi kulesi sikebhe, “Baba oseZulwini, awunandaba noma siminza na?”

Endimeni yama-39, uJesu wavuka, wakhuza umoya futhi wathi emagagasini, “Thula! Uthi du!” Khona-ke umoya wanqamuka futhi kwaba nokuthula okuphelele.Endimeni yama-40, ngemva kokukhuza isiphepho, uJesu wabe esephendukela kubafundi baKhe futhi wabakhuza ngala mazwi, “Kungani nesaba kangaka? Anikakholwa namanje na?”

Kodwa, ngempela, singabasola yini abafundi bakithi? Babuka ukushuba kwesiphepho. Babuka amagagasi ayeshaya isikebhe sabo esasingenamandla, ebamanzise baconsa co, base bethuka! Ukholo lwabo kuNkulunkulu lwalupheshulwe umoya wesiphepho onamandla!

Ngakho-ke, singafingqaisiqephu sethusesibili sika-I (intense)ngokuthi, ngezinye izikhathi,ukuqinakwezivunguvungu zethu kuphephula ukholo lwethu emandleni kaNkulunkulu kanye nokuzimisela kwaKhe ukusichushisa ezivunguvungwini zethu zasempilweni.

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

UKristu, uJona wethu Omkhulu

UJona 1:1-17 noMarku 4:1 & 35-41 basinikeze umbono wevangeli okokuqala, mayelana nokungagwemeki kwezivunguvungu zasempilweni, okwesibili, amandla alezi zivunguvungu, futhi okwesithathu, ukuthi ubunjalo bukaJesu Kristu, uJona wethu omkhulu, busenza kanjani sikwazi ukubhekana ngempumelelo nalezi zivunguvungu zasempilweni.

More

Sithanda ukubonga i-Returning to the Gospel - Southern Africa ngokusinikeza lolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://returningtothegospel.com/