UKristu, uJona wethu OmkhuluIsampula
Ukungagwemeki Kweziphepho Zethu
KusukelakuMarku 4 indima 1 nezindima 35-36,siyazi ukuthi, esefundise izixuku usuku lonke ngasogwini lweChibi laseGalile, kusihlwa, uJesu wathi kubafundi bakhe:Asiwele siye ngaphesheyakwechibi.
Kusobala ukuthi uKristu wayekhathele. Wabona isidingo sokuba Yena nabafundi bakhe bahambe bayophumula. Ngakho-ke uKristu nabafundi basishiya ngemva isixuku, base bethatha uhambo oluya ngaphesheya kweChibi.
Endimeni 37,njengoba bewela iChibi, kwaqubuka isidumo sesiphepho esikhulu, amagagasi ashaya umkhumbi, waze wacishe wagcwala amanzi. Isidumo sesiphepho esizumayo esishaya ndawonye nesinamandla. Abafundi bebengakulindele lokhu, kodwa nakhu manje base bephakathi, kulesi siphepho esinamandla, belwela ukuba basindise impilo yabo.
Lokhu kufana nje nami nawe, siziphilela impilo yethu yansuku zonke, senza ngokuzithoba noma yimuphi umsebenzi iNkosi esinikeze ukuba siwenze. Njengabafundi esikebheni sabo, silindele ukuthi sizophila impilo yethu kalula nje nangaphandle kwezihibe.
Kwesinye isikhathi, nokho, njengabafundi kulesi sikebhe, sizithola sibhekene nohlobo lwesiphepho esingalindelekile esibona abafundi bebhekene naso kulesi siqephu. Sibhekana nezivunguvungu ezingalindelekile ezithinta impilo yethu noma impilo yabathandiweyo bethu. Sibhekana nezivunguvungu ezingase zihlanganise nezinselele zezimali ebesingazilindele ezisilethela ingcindezi, noma izikhathi zezimo ezicasulayo kakhulu ezisuke zingalindelekile ezingase zonakalise usuku lwethu noma umsebenzi wethu ngokuphelele.
Isiphepho abafundi ababhekana naso eChibini laseGalile, uma ucabanga ngokwakheka kwendawo yakhona nesimo sezulu salesiya sizinda, sasingenzeka noma nini; ngandlela-thile, noma nini, sasingenakugwenywa. Ukuphila kulo mhlaba wesono nowosizi, ngokuhamba kwesikhathi, noma manje noma esikhathini esizayo asikwazi ukukubalekela ukuthi lezi zivunguvungu zizofika nakithi. Asiphili impilo yethu sihamba sizithungatha, kodwa ziyasifikela.
Eqinisweni nje, akukhathaliseki ukuthi zingaki izivunguvungu oke wabhekana nazo esikhathini esedlule, sonke isivunguvungu esisha sihamba nezinto zakhona; kuvele kubonakale sengathi lesi yisona esizoqeda ngawe.
Ngakho-ke, singafingqaisiqephu sethu sokuqala sika-I (inevitable)ngokuthiakunakugwenywaukuthisizobhekana nezivunguvungu zasempilweni, ngisho nalapho sihamba neNkosi ngokulalela, njengoba sibona abafundi benza kulesi siqephu.
Mayelana naloluHlelo
UJona 1:1-17 noMarku 4:1 & 35-41 basinikeze umbono wevangeli okokuqala, mayelana nokungagwemeki kwezivunguvungu zasempilweni, okwesibili, amandla alezi zivunguvungu, futhi okwesithathu, ukuthi ubunjalo bukaJesu Kristu, uJona wethu omkhulu, busenza kanjani sikwazi ukubhekana ngempumelelo nalezi zivunguvungu zasempilweni.
More
Sithanda ukubonga i-Returning to the Gospel - Southern Africa ngokusinikeza lolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://returningtothegospel.com/