UKristu, uJona wethu OmkhuluIsampula
Iziphepho
Kulo mhlaba owele esonweni, nakanjani sizobhekana nezivunguvungu eziningi ezimpilweni zethu. Futhi kuyiqiniso ukuthi lezi ziphepho zingaba namandla kakhulu.
Kodwa, noma ngabe zinamandla kangakanani lezi zivunguvungu, ivangeli liyasikhumbuzakuJona1:1-17 nakuMarku 4:1 & 35-41ukuthiubunjalo bukaJesu Kristu njengoJona wethu oMkhulu noMesiya wethu owathi, esiphambanweni,wabhekana nesivunguvungu esingakaze sibonwe solaka lukaNkulunkulu phezu kwesono sethu kusho ukuthi ngeke asilahle neze ezivunguvungwini zasempilweni yethu.
Sinesiqinisekiso sevangeli sokuthi ngenxa yokuthi uKristu wabhekana nesivunguvungu esikhulukazi solaka lukaNkulunkulu phezu kwesono sethu ngenkathi esesiphambanweni,uzosebenzisa amandla aKhe onke phezu kwezivunguvungu zethu futhi asikhulule, njengoba enza kubafundikuMarku 4.
UJona 1:1-17ukhulumangoJona ephonswa phakathi kwesiphepho.UMarku 4:1 & 35-41ukhuluma ngoJesu ethulisa isiphepho esasisongela impilo yabantu eChibini laseGalile ukuze asindise abafundi baKhe.
Ngokuqhubeka kwalolu Hlelo Lwezinsuku Eziyi-5, kusukelakuJona 1:1-17kanyenakuMarku 4:1 & 35-41, sizohlola ukuthi lezi ziqephu ezimbili zisinikakanjaniumbono wevangeli wokuqala,ukungagwemekikwezivunguvunguzasempilweni yethu, okwesibili,amandlaalezi zivunguvungu, nokwesithathu, indlelaubunjalobukaJesu Kristu obusenza sikwazi ukubhekana ngayo nalezi zivunguvungu zasempilweni ngempumelelo
Mayelana naloluHlelo
UJona 1:1-17 noMarku 4:1 & 35-41 basinikeze umbono wevangeli okokuqala, mayelana nokungagwemeki kwezivunguvungu zasempilweni, okwesibili, amandla alezi zivunguvungu, futhi okwesithathu, ukuthi ubunjalo bukaJesu Kristu, uJona wethu omkhulu, busenza kanjani sikwazi ukubhekana ngempumelelo nalezi zivunguvungu zasempilweni.
More
Sithanda ukubonga i-Returning to the Gospel - Southern Africa ngokusinikeza lolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://returningtothegospel.com/