UKristu, uJona wethu OmkhuluIsampula

UKristu, uJona wethu Omkhulu

USUKU 4 KWEZINGU- 5

Ubunjalo BukaKristu Ezivunguvungwini Zethu

Ukulandisa kukaMarku ngesivunguvungukuMarku4kusebenzisaamagama nemisho efanayonjengasendabeni kaJonakuJona 1.

Kuzo zombili lezi zindaba,bobabili uJesu noJona basesikebheni esiphakathi kwesiphepho. Kuzona zombili lezi zikebhe kunabanye abantu abesaba ukufa. Womabili amaqembu abantu abesabayo avusa abaphrofethi abalele ngolaka, bebathethisa. Zombili lezi ziphepho zithuliswa ngokuyisimangaliso base abantu abasesikebheni basindiswa. Futhi kuzo zombili lezi zindaba amadoda asezikebheni ethukekakhulungemva kokuba isiphepho sesithulisiwe kunakuqala.

Zonke izici kulezi zindaba ezimbili ziyefana, ngaphandle kokukodwa okuphawulekayo; endabeni kaJona, uJona unikelwa esivunguvungwini, waphonswa ekujuleni, ukuze kwaneliseke ulaka lukaNkulunkulu ukuze amanye amadoda asemkhunjini asindiswe esiphephweni. Nokho, ekulandiseni kukaMarku, uJesu akaphonswa olwandle.

Kulula ukuphuthelwa iqiniso lokuthi izindaba lezi zombili azehlukile kangako endleleni eziphetha ngayo.Uyabona,kuMath. 12:41, uJesu wazifanisa noJona ngokuthi,omkhulu kunoJona ulapha. Ngokusho lokhu, uJesu wayekhomba eqinisweni lokuthi unguJonawokugcina, owathi, esiphambanweni, waphonswaemanzini olaka lukaNkulunkulu ngenxa yethu.

KuJona2:4, esesiswini senhlanzi eyagcina imgwinyile, uJona wathandaza kuNkulunkulu ngokuthi:Ngixoshiwe phambi kwakho. UJona wayechaza ukuthi wayezizwa elahliwe uNkulunkulu.

LaphokuMath. 27:46, esiphambanweni, uJesu wathi:Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?Wayethi ngenxa yesono sakho nesono sami wayefakwe ngaphansi kwamanzi olaka lukaNkulunkulu.

Lokhu kusikhombisa indlela okuxakile ngayo ukuthiendimeni yama-38odabeni lwethu oluxoxwa nguMarkuabafundi bakhuza iNkosi ngokuthi, “Mfundisi, awunandaba noma siminza na?”Babekholwa ukuthi wayebashiyile walala ngesikhathi lapho babemdinga kakhulu bemdinga.

Kodwa empeleni kuphambene nalokho ngoba, eNsimini yaseGetsemane,kuMath.26:36-44, yibo, abafundi, abalala uKristu ebadinga. Yibona ababezoMlahla ngehora laKhe elikhulu lokuswela futhi bambaleke.

Nokho, ngisho nangemva kokuba sebemlahlile kanjalo, uJesu wayesabathanda ngokwanele ukuba aye esiphambanweni ngenxa yabo, nangenxa yethu. UJona waphonswa esivunguvungwini ngenxa yesonosakhe. UJesu waphonswa esivunguvungwini ngenxa yezonozethu.

Endimeni41, sifunda ukuthi abafundi ababethukile, ngemva kokuba uJesu ethulise isiphepho, babuzana bodwa, “Ubani lo? Ngisho nomoya namagagasi kuyamlalela!” Lokhu kusibonisa ukuthi babengakaqondi ukuthi ungubani ngempela uJesu Kristu njengoNkulunkulu iNdodana, imvelo yonke esezandleni zaKhe.

Ngakho-ke, singafingqaisiqephu sethusesibili sika-I (identity)ngokuthi, njengamaKristu, isiqinisekiso sevangelingobunjalouKristu Jesu njengoJona wethu omkhulu sivuselela ukholo lwethu ekuzimiseleni kweNkosi, nasemandleni aKhe, okusiwelisa emanzini esiphepho sasempilweni kulo mhlaba wesono.

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

UKristu, uJona wethu Omkhulu

UJona 1:1-17 noMarku 4:1 & 35-41 basinikeze umbono wevangeli okokuqala, mayelana nokungagwemeki kwezivunguvungu zasempilweni, okwesibili, amandla alezi zivunguvungu, futhi okwesithathu, ukuthi ubunjalo bukaJesu Kristu, uJona wethu omkhulu, busenza kanjani sikwazi ukubhekana ngempumelelo nalezi zivunguvungu zasempilweni.

More

Sithanda ukubonga i-Returning to the Gospel - Southern Africa ngokusinikeza lolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://returningtothegospel.com/