Ukuzila izinsuku ezi-21Isampula

21 Day Fast

USUKU 17 KWEZINGU- 21

Lesi esinye sezindaba esaziwa kakhulu eBhayibhelini. Isimo esasibhekene nalezinsizwa ezintathu isimo ongazwelana naso- lapho ubufakazi bubekwa ebusweni beqiniso. Ubufakazi buwukuthi babephule unthetho, isijeziso kwakuwukufa, UNebukhadineza wayeyindoda enamandla ukwedlula wonke emhlabeni, isithando somlilo sasishisa ngendlela yokuthi sabulala isosha elaliseduze kwaso, ayemaningi futhi amanye amasosha ayengabafaka esithandweni somlilo, kwakuphakathi kokuthi bayakhothama noma bayasha. Kuphela. Kodwa iqiniso labunqoba bonke lobobufakazi, kwaba yiqiniso lezizinsizwa ezama kulo. Iqiniso kwakuwukuthi uNkulunkulu wayezobaphula noma babezondlala izimpilo zabo phansi ngenxa yokumkhonza Yena. Iqiniso kwaba wukuthi iNdodana kaNkulunkulu yahambahamba phakathi kwabo phakathi kwesithando somlilo. Bufakazi buni obhekene nabo obumelene neqiniso likaNkulunkulu? Thatha lobobufakazi ubuyise kuNkulunkulu ngomkhuleko namhlanje bese ukholwa ngamandla ukuthi uNkulunkulu uzoba nawe esithandweni somlilo.
Usuku 16Usuku 18

Mayelana naloluHlelo

21 Day Fast

Qala unyaka wakho omusha ngokufuna indlela yokuzila kwakho ukuthi ibe ngekaMoya. Leliplani liqukethe imibhalo emayelana nokuzila neminye ekhuthaza ukuzihlola nokusondela kuNkulunkulu. Izinsuku ezingamashumi amabili naye, uzothola iZwi elivela eBhayibhelini, elihambisana namagama anokukusiza ukuzinikela, imibuzo yokuzihlola nomkhuleko ongagxila kuwo. Ukuthola okuningi kunalokhu, vakashela u www.finds.life.church.

More

We'd like to thank Life.Church for their generosity in providing the structure for the 21 Day Fast reading plan.