Ukukhuculula UmphefumuloIsampula

Uma usebuhlungwini ngaso sonke isikhathi, awukwazi ukuzibamba, uye ulimaze abanye abantu, kodwa uma uzokwenza lokho okudingekayo ukuze uqondise ubudlelwane kanjengoba kuseBhayibhelini, ungaqina futhi wabelane ngothando lukaNkulunkulu nabantu abadingayo ukumazi. Zama ukulawula ubudlelwane obunobuthi empilweni yakho, futhi okubaluleke kakhulu, zama ukuqiniseka ukuthi awuyena onobuthi ebudlelwaneni bakho.
Yiziphi ezinye izinto ongazenza ukuze wakhe ubuhlobo obuhle empilweni yakho?
Yiziphi ezinye izinto ongazenza ukuze wakhe ubuhlobo obuhle empilweni yakho?
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo

Asiwona umzimba onomphefumulo. Singumphefumulo onomzimba. Ngenkathi izwe lifundisa kahle ukuthi sikhuculule imizimba yethu, ngezinye izikhathi kudingeka sikhuculule umphefumulo wethu. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-35 luzokusiza ukuba ubone ukuthi yini exhoza emphefumulweni wakho, futhi yini evimbe endleleni yakho yokuba ngumuntu uNkulunkulu akudalele ukuba ube nguye. Uzofunda eZwini likaNkulunkulu ukuthi ungayinqanda kanjani lemithelela elimazayo futhi wamukele impilo ehlanzekile yomphefumulo wakho.
More
Sithanda ukubonga uPastor Craig Groeschel ne-Life.Church ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.life.church.tv