Ukukhuculula UmphefumuloIsampula

Imicabango yethu ibaluleke kakhulu. Umcabango ubalulekile ngempela ngoba lokho okucabangayo kunquma ukuthi uba yini. Ngeshwa, abaningi bethu bavame ukuthunjwa yimicabango enobuthi, kunokuba sigxilise imicabango yethu eqinisweni likaNkulunkulu. Kuleliviki uzofunda eZwini likaNkulunkulu mayelana nezingozi zemicabango enobuthi nokuthi ungabuyisela kanjani iqiniso likaNkulunkulu esikhundleni salokhu.
Ngakube iyithinte kanjani kabi impilo yakho kanye nobudlelwane bakho imicabango enobuthi?
Ngakube iyithinte kanjani kabi impilo yakho kanye nobudlelwane bakho imicabango enobuthi?
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo

Asiwona umzimba onomphefumulo. Singumphefumulo onomzimba. Ngenkathi izwe lifundisa kahle ukuthi sikhuculule imizimba yethu, ngezinye izikhathi kudingeka sikhuculule umphefumulo wethu. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-35 luzokusiza ukuba ubone ukuthi yini exhoza emphefumulweni wakho, futhi yini evimbe endleleni yakho yokuba ngumuntu uNkulunkulu akudalele ukuba ube nguye. Uzofunda eZwini likaNkulunkulu ukuthi ungayinqanda kanjani lemithelela elimazayo futhi wamukele impilo ehlanzekile yomphefumulo wakho.
More
Sithanda ukubonga uPastor Craig Groeschel ne-Life.Church ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.life.church.tv