Ukukhuculula UmphefumuloIsampula

Soul Detox

USUKU 16 KWEZINGU- 35

Kunezinhlobo ezine zokwesaba: ukwesaba ukulahlekelwa, ukwesaba ukwehluleka, ukwesaba ukulahlwa, nokwesaba okungaziwa. Kungenzeka ukuthi ubhekene nenye noma ngaphezulu yalezi zinhobo zokwesaba. Lokhu kwesaba kungakulimaza futhi kukuvumbele kokungcono kukaNkulunkulu. Khumbula lokho okushiwo ku-2 Thimothewu 1 ngokuthi uNkulunkulu akazange asinike umoya wokwesaba, kodwa umoya wamandla, wothando, nokuzithiba.

Yikuphi ukwesaba obhekene nakho kakhulu njengamanje?
Usuku 15Usuku 17

Mayelana naloluHlelo

Soul Detox

Asiwona umzimba onomphefumulo. Singumphefumulo onomzimba. Ngenkathi izwe lifundisa kahle ukuthi sikhuculule imizimba yethu, ngezinye izikhathi kudingeka sikhuculule umphefumulo wethu. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-35 luzokusiza ukuba ubone ukuthi yini exhoza emphefumulweni wakho, futhi yini evimbe endleleni yakho yokuba ngumuntu uNkulunkulu akudalele ukuba ube nguye. Uzofunda eZwini likaNkulunkulu ukuthi ungayinqanda kanjani lemithelela elimazayo futhi wamukele impilo ehlanzekile yomphefumulo wakho.

More

Sithanda ukubonga uPastor Craig Groeschel ne-Life.Church ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.life.church.tv