Ukulalela uNkulunkuluIsampula

Listening To God

USUKU 7 KWEZINGU- 7

Ukumazi uMelusi Omuhle

"Ngingumelusi omuhle, ngiyazazi izimvu zami nezimvu zami ziyangazi—" Johane 10:14 NIV

Ngingathanda ukukubuza imibuzo emibili ongayibhekisisa.

Kunjani ukuchitha isikhathi noBaba wakho wasezulwini?
Kunjani ukukhuluma naye?

Sicela uthathe isikhashana uzame ukuchaza ngowazizwela kona.

Lokho engizama ukukhuluma ngakho lapha kuyisihloko somthandazo. Ngicabanga ukuthi abantu abaningi babambeka kuleligama elisetshenziswe kakhulu, "umthandazo." Silenza elokomoya ngokweqile. Uyabona, uNkulunkulu uyazi ukuthi singabantu nje, kodwa sizama ukummangalisa ngandlela-thile "ngomthandazo" omuhle. Bese, sithola ukuphazamiseka futhi sidikibale siyeke kuze kube yisikhathi esilandelayo "sizame." Ngokwenza lokhu, silahlekelwa iphuzu lonke lokuhloswe ukuthi ube yiko umthandazo!

Umthandazo ungukuthi sixhumana kanjani noNkulunkulu. Uyindlela esihlobana ngayo naYe. Empeleni ingabe uNkulunkulu ufuna ukuthi size kanjani kuye ngomkhuleko? Eqinisweni, isifiso sakhe esikhulu singukuthi azuze izinhliziyo zethu zonke, ingqondo namandla, njengoba sifunda kuDutheronomi 6: 5, akunjalo?

Okokuqala, Ufuna ukuthi simjabulele-sigxile kuYena hhayi "kumthandazo." wakho

Kufanele sihlale njalo siza kuye sinjengoba sinjalo, sizinikela uqobo lwethu, olungafanelekile, kodwa oluthandwe ngokuphelele kuBaba wethu onamandla wonke, ozimele ngokwakhe ekhazimula, kodwa ogcwele ububele. Futhi uma senza kanjalo, sithola indebe echichimayo yamandla akhe, ukubuyiselwa, ukuhlakanipha, ukuthula, ukulunga, nenjabulo. Ebukhoneni Bakhe kukhona ukuphuphuma kwempilo. UngaManzi aphilayo kanye neSinkwa sokuPhila.

Lapho sithandaza, akufanele sikhulume nje kuphela kodwa kumele silalele futhi. Funa ukuzwa nokulandela izindlela zakhe ezinhle. Woza ujabule, woza unokudlala, woza ukhathele, uze unokungabaza noma unokwesaba. Woza kuye uphakathi kwesigodi sethunzi lokufa. Sondela eduze ulalele amazwi akhe anenduduzo nokuphila nethemba.

Ngakho-ke, kufanele size kuYe njalo-eziphithiphithini nakuzo zonke ezinye izimo. Njengoba senza njalo, siqala ukumazi uMelusi wethu. Ngisho ukumazi ngempela.

Kumina, isikhathi sami sokuthandaza esithulile sinokuzwakala sengathi ngizihlalele nomngane wami omkhuilu siziphuzela itiye elishisayo. Kumnandi kakhulu. Izinto ezinhle, angithi? Njengoba uPaul E. Miller efundisa encwadini yakhe ethi A Praying Life, "Awukwazi ukwazi uNkulunkulu ngokushesheleza. Awakhi ukusondelana; ukwenzela indawo ezinzile. "

Ngithandaza ukuthi kulezi zinsuku eziyisikhombisa ezedlule ziye zaqinisa ukuqonda kwakho ukuthi kusho ukuthini ukulalela uNkulunkulu. Akuyona inkimbinkimbi njengoba sivame ukucabanga. Kulula njengokuvala izindlebe zethu zingezwa amanga, ukuvula izinhliziyo zethu, ukuthula, sivumele uMelusi wethu omuhle akhulume.

Ngithandaza ukuba uqonde ngokujulile ukuthi ukulalela uNkulunkulu njalo, kumayelana nokumazi uMelusi wethu omuhle.

Tshela uBaba: Namuhla, ngizokufuna ngenhliziyo yami yonke, umphefumulo, namandla. Ngizoqala manje, uqobo lwami, ngiza ngaphambi koqobo Lwakho. Ngifuna ukukwazi futhi ngikulalele kakhudlwana usuku ngalunye.

Iculo lokudumisa eliphakanyiswa namuhla: "Touch the Sky" ngu-Hillsong United

Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Listening To God

U-Amy Groeschel ubhale lolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa lweBhayibheli ngokuthemba ukuthi luzothathwa ngqo kusuka enhliziyweni kaBaba wethu onothando luza kweyakho. Umthandazo wakhe ukuthi lukufundise ukugwema ukukloloda okuphikisayo bese ikuvusa ukuba ugxile eZwini laKhe.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: www.life.church