Ukulalela uNkulunkuluIsampula
Ngubani okwi Bhodi lakho lezokweluleka ngezo Moya?
uNkulunkulu uvama ukukwedlulisa intando Yakhe kanye nobuhlakani bakhe ngabanye abalandeli baka Khristu! Angeke ngikwazi ngisho ukuqala ukubala izikhathi lapho uNkulunkulu asebenzisa khona omunye umkhrestu ukwedlulisela umyalezo enhliziyweni yami! Ngizwa ukunyenyeza kwakhe kubefundisi bami, umsakazo, abangani bami, izingane zami, amabhuloga, noma koseqenjini lami Lokuphilisana. Empeleni abanye babo ngibabona njengamalunga eBhodi lami Lezokweluleka ngoko Moya. Laba: umlingani wami, umeluleki, umlingani womthandazo, umngani, kanye nabazali bami.
Kunjani kuwena? Uyabheka futhi ulalele abanye abazalwane obahloniphayo? Ukuhlala njalo uxhumene namanye amaKhristu (ikakhulu labo abakhulayo futhi abazinzile ezwini likaNkulunkulu) kubaluleke kakhulu ohambeni lwakho lokholo.
Akwanele ukubalalela, kodwa. Ingabe uyavama ukuzilandela futi usebenzise iziyalo nobuhlakani oku zwayo?
Hlakanipha uhlale uzibandakanya nomphakathi wama Khristu! Lalela umndeni wakho wokholo. Siyawudinga, nawo uyakudinga. isifundo samhlanje seZaga 18:2 sisitshela ngokusobala ukuthi ukuthi kuyiphutha ukuba ngo ngungqesta.
Ngokwami, angi funi ukuzenza isilima. Ngidinga usizo, ngidinga ubuhlakani. Ngidinga ukukhetha ukuhlala ngizithobile futhi ngifundiseka ukuze ngikwazi ukuzwa uNkulunkulu engiqondisa, engibonisa indlela, kanye nothando. Ngidinga ukuthi inhliziyo yami ihlale izithobile futhi ifundiseka — ngoba uNkulunkulu uvama ukukhuluma nathi ngezinye izingane zakhe.
Buza uBaba: Ubani odinga ukuba kwiBhodi lami loKweluleka ngezo Moya?
Iculo eliphakamiswayo lanamuhla:lokudumisa eliphakamiswayo "Set a Fire" lika Will Reagan and United Pursuit
Mayelana naloluHlelo
U-Amy Groeschel ubhale lolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa lweBhayibheli ngokuthemba ukuthi luzothathwa ngqo kusuka enhliziyweni kaBaba wethu onothando luza kweyakho. Umthandazo wakhe ukuthi lukufundise ukugwema ukukloloda okuphikisayo bese ikuvusa ukuba ugxile eZwini laKhe.
More