Ukulalela uNkulunkuluIsampula

Listening To God

USUKU 1 KWEZINGU- 7

Ukuzwa Izwi likaNkulunkulu

NjengoJobe, Ngifuna ukuwenza igugu (ngiwalangazele) amazwi kankulunkulu kanye nokuqondiswa Nguye ngaphezu kokudla kwami kwansuku zonke! Awufuni wena? Njengemfundiso yombhalo ovela ku-Izaya, ngifuna ukuzwa izwi emva kwami lingitshele indlela ekumele ngihambe kuyo.

Kodwa, ngilizwa kanjani izwi laKhe? Futhi, ingabe Usakhuluma ngempela? Qiniseka; UNkulunkulu uyisikhulumi! Wadala isipho sokukhulumisana. Lokhu kusho ukuthi uyakhuluma, futhi sinalo ikhono lokumuzwa — futhi siphendule iZwi laKhe. Uma uNkulunkulu esakhuluma, kufanele senze konke okusemandleni ethu ukuba silizwe izwi lakhe futhi silalele! Isenzo sokulalela siyinto edingekayo kakhulu, kodwa evame ukweswelakala, ukuze kube nokuxhumana kweqiniso.

Okokuqala, ake sibheke izindlela uNkulunkulu akhuluma ngazo nathi.

UNkulunkulu ukhuluma ngeZwi laKhe. uNkulunkulu usesambulele okuningi ngentando kanye nohlelo lwaKhe ngokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu. Ukuchitha isikhathi ufunda iZwi laKhe kungenye yezindlela ezijule kakhulu zokuzwa ngqo okusuka kuye.

UNkulunkulu ukhuluma ngokunyenyeka kwakhe. Uvama ukukhulumela phansi emoyeni wethu, asinike amaphupho, imibono, kunye / noma asifundise ngezimo zethu. Futhi uzoqondisa imicabango yethu ezinhlelweni zakhe.

UNkulunkulu ukhuluma ngabantu bakhe. Ngezinye izikhathi uNkulunkulu uzokhuluma ngemizwa Yakhe ngathi ngamaKrestu. Kungaba ngokukhuthaza, ukulungiswa noma isiqondiso.

Umthandazo wami wukuthi loluhlelo lokufunda olufushane, lwezinsuku eziyisikhombisa lunaba oluvela ngqo enhliziyweni kaBaba wethu osithandayo ukukufundisa ukuba ugweme ukuxokozela okuphikisayo, lukuvusele ukuba ugxile ezwi ni lakhe, libambe inhliziyo yakho ngokugcwele.

Buza uBaba: Yini engingayenza ukuze ngibe ngumlaleli ongcono?

Namuhla iculo lokudumisa eliphakamiswayo: "Yield My Heart" la- Kim Walker-Smith

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Listening To God

U-Amy Groeschel ubhale lolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa lweBhayibheli ngokuthemba ukuthi luzothathwa ngqo kusuka enhliziyweni kaBaba wethu onothando luza kweyakho. Umthandazo wakhe ukuthi lukufundise ukugwema ukukloloda okuphikisayo bese ikuvusa ukuba ugxile eZwini laKhe.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: www.life.church