Ukulalela uNkulunkuluIsampula
Ingozi Yomfokazi
Abaningi emzimbeni kaKristu baya benyukela ngokuhehwa izinkohliso zezwi longaziwa. Ukulalela izwi likaNkulunkulu kuba inselele yangempela ngenxa yokuncintisana, nokuxokozela okungena buNkulunkulu. Ngokudabukisayo, baqala ukungabaza ubuqotho bukaNkulunkulu kanye neqiniso alifundisa eZwini laKhe.
Sibona umsuka wale nkinga uqala kumhlali wensimu, u-Eva.
Bese ngiyamangala.
Wenziwa yini u-Eva ukuthi alalele imfishimfishi yenkohliso yenyoka?
Kungani engazange abone ukuthi leli yizwi lomfokazi?
Ngiyamangala. U-Eva wayemazikahle kangakanani ngempela uNkulunkulu, uMalusi wakhe? Kubonakala sengathi wahehwa kalula nje ngamanga esitha.
Kungani Eva athatheka kalula kanaka?
Ngikholelwa ukuthi nakuba u-Eva ayelazi iqiniso, wayengazinzile ngokujulile eqinisweni. Wayazi lokho uNkulunkulu "ayekushilo" kodwa akazange aqondisise ngokugcwele ukuthi wayeNgubani-othembekile futhi olunge ngokuphelele. Wayengaqondi ukuthi wayengasoze amncishe noma yikuphi okuhle.
Ngaphambi kokuba adle isithelo esingavunyelwe, wayengazi lutho ngobubi, engazi ngamanga, futhi engazi ukuthi angaholelwa ekungamlalelini uYise.
Kodwa lokhu akulona iqiniso kithi! Asibona abagazi! Akadunyiswe uNkulunkulu ngokuthi sinalo iZwi likaNkulunkulu elisiqondisayo ngeqiniso, uMoya oNgcwele (uMoya Weqiniso) njengoMeluleki wethu, noKristu Jesu njengoMsindisi wethu noMmeli weqiniso!
Nokho, njengo-Eva, nathi sizithola sidonseleka ekulaleleni amangai omfokazi. Kungani?
Isizathu esisodwa, kaningi, ukuthi silalela amanga esitha ngokusebenzisa "ukuzijabulisa" kwethu. umabonakude, i-intanethi, amabhayisikobho, izincwadi, kanye namabhukwana, okuvame ukungabi nalutho ngezwi likaNkulunkulu, sekuthathe imiphakathi yethu. Noma kunjalo, sichitha amahora angabaleki nalamazwi anamanga, angenabu Nkulunkulu ngalesosikhathi isinhliziyo kanye nemiqondo yethu kuyaphithaniseka, kungcole, futhi kulambiswe ngokungatholi Izwi likaNkulunkulu eliphilayo, eisebenzayo futhi elikhuthazayo!
Sidinga ukwazi uMalusi wethu! Sidinga ukunonophaliswa ngamadlelo aKhe aluhlaza. Sidinga ukuzisondeza kuye ukuze silandele izwi laKhe.
Ungaphuthelwa isifundo sokugcina sokuzinikela sakusasa, njengoba sizophothula ngokuqonda okuwusizo mayelana no "Kwazi umalusi!"
Buza uBaba: Ingabe ngilalela amany amazwi angaveli kuwe futhi angewona awakho?
Iculo lokudumisa eliphakamiswayo namuhla: “My Heart Is Yours” Kristian Stanfill" Kristian Stanfill
Mayelana naloluHlelo
U-Amy Groeschel ubhale lolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa lweBhayibheli ngokuthemba ukuthi luzothathwa ngqo kusuka enhliziyweni kaBaba wethu onothando luza kweyakho. Umthandazo wakhe ukuthi lukufundise ukugwema ukukloloda okuphikisayo bese ikuvusa ukuba ugxile eZwini laKhe.
More