Ukulalela uNkulunkuluIsampula

Listening To God

USUKU 4 KWEZINGU- 7

Ukhohliswa Inkanuko

Imvelaphi yesono yaqala ngalamanga: UNkulunkulu aka lungile, Aka nako ukwethembeka, futhi u nasigodlele kona. Ngokuqinisekile lenkohliso isaqhubeka nanamuhla. Futhi uma lokho kungekubi ngokwanele, njengo-Eva, ukulangaza kwethu kwemvelo kuhlanganyelana nalamanga! Yonke le nkohliso iyadingeka ukuze uSathane azame ukusihlukanisa noNkulunkulu.

U-Eva wabona izithelo futhi wacabanga ukuthi zibukeka zizinhle futhi ziheha. Wakhohliswa ukulangazelela ukuhlakanipha, ulwazi, hlambe ngisho namandla. Uzoba njengoNkulunkulu. Ngempela, wayedukisiwe!

Kunjani kuwena? Zingaki izikhathi oke wehlulwa ukufisa kwamehlo akho nokungaqondi kahle? a ngizami ukukudikibalisa ngalombuzo kodwa ukukuxwayisa ngoba, mngane, akumele ukuthi kube ngale ndlela!

Ukuphila uxhumene neZwi likaNkulunkulu kusho ukuthi silandela imiyalo yakhe nokumazisa Yena. Mnike inkazimulo, ukubonga, kanye nendumiso ngomzuzu ngamunye ngoba Unawe! Lokhu kuxhumana okungcwele kusho ukuthi sibeka ithemba lethu kuye kuzo zonke izimo futhi sivale izindlebe kanye namehlo ethu kukho konke okukhohlisa izinhliziyo nezingqondo zethu.

Leli lizwe akusilo izwe lami, futhi akulona elakho, nawe! Izulu elisha noMhlaba omusha kulindele labo abalindele ngesineke nokubekezela beqhubeka nokwethemba uMsindisi wabo. Asimele ukuba sihlale sixoshisana nemimoya yakokonke okudume okwesikhashana. Akumele sesabe ukuphuthelwa izinto ezinhle ngoba siyazi ukuthi kunemivuzo emihle yaphakade esilindile. Futhi, siyazi ukuthi uNkulunkulu wethu nguyena kuphela oyinto enhle ngokweqiniso! Uyiko Konke kuko konke, Umanelisi wethu, Umphelelisi wethu!

Buza uBaba: Ingabe kukhona okudingeka ngikwenze noma ngikwazi ukuze inhliziyo yami ihlale ilangazelela wena?

Namuhla iculo lokudumisa eliphakamiswayo: "Clear the Stage" ngu Jimmy Needham

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Listening To God

U-Amy Groeschel ubhale lolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa lweBhayibheli ngokuthemba ukuthi luzothathwa ngqo kusuka enhliziyweni kaBaba wethu onothando luza kweyakho. Umthandazo wakhe ukuthi lukufundise ukugwema ukukloloda okuphikisayo bese ikuvusa ukuba ugxile eZwini laKhe.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: www.life.church