Ukulalela uNkulunkuluIsampula
Ngicela ningilalele?
Kukhona ukuzwa, kuphinde kube khona ukulalela.
Ukuzwa kusho ukuzwa imvunge yomsindo nemininingwane.
Ukulalela kusho ukukuqaphela loko okuzwayo.
Namhlanje izifundo eziku Jeremaya zinobuhlungu obunomunyu, kodwa ngebhadi aziyona into engajwayelekile. Lezenzakalo zetesitamende elidala zingamafulegi amakhulu abomvu asiqwashisa ngezingozi ezizayo uma singamqaphelisisi UNkulunkulu ngezinhliziyo zethu zonke, imiqondo yethu, kanye namadla. Ngobani/ ukuthi nje, uma singa mqaphelisisi uNkulunkulu nezindlela Zakhe, si hamba ngendlela engeyona— sibuyela emuva asiyi phambili. Kanini, lezindlela ezingezona zisiholela ezindaweni ezimnyama nezisicekela phansi.
Izigebengu eziphazamisayo kuvama ukuba yizinto ezimsulwa ezihehayo ezifana namasheduli, ukukhulisa izingane, ukulandelela okuningi okuthile, noma ngisho namagajethi anobumnandi obuningi obumangazayo!
Ngokwazi kwami, bonke abantwana bami abayisithuma banamadlebe ezwa kahle, kodwa kukaningi lapho ukulalela kwabo kuthatha ikhefu! Kwesinye isikhathi ukuqaphela kwabo kuvuswa amagama ami anomlingo: ayisikhrimu. Kanjalo njese bebambekile bese bephendula, "Hawu! Ngempela, Mama?" Bese ngiyavuma, "Cha, Bengifuna nje ukuthi ninginake!"
Eqinisweni, nami ngike ngibe ongalalele, njenganokuthi uma iselula foni yami ithola ukunakwa ngaphezu komndeni wami. "Mmhmm … Kambe bewuthini sthandwa?"
Singahleka nje okwamanje, kodwa empeleni loku akulungile. ku ngukungahloniphi abantu. Kanti uma sekuza ekungamnakini uNkulunkulu, Ku" ngukungamniki isithunzi kanti futhi kungukwedelela.
Uma sizo mlandela ngokuphelele uBaba wethu osezulwini, si zodinga ukuthi siqaphele imiyalezo Yakhe! Khumbula, ukuxhumana kwakhe okungcwele kuza ngezindlela ezahlukahlukene: Izwi lakhe, abazalwane Ukuqondiswa, Uhlelo lweBhayibheli, iphupho, ukunyenyeza, noma umcabango olokhu ungadluli. Yebo, indlela kaNkulunkulu yokuxhumana ibanzi kakhulu ngoba naye unguNkulunkulu Omkhulu futhi unguchwephesha kwezoxhumano futhi ufisa ukuhlala ethintana nawe!
Buza uBaba: Yini engiphazamisa ukuthi ngikulalele?
Namhlanje Iculo Lokudumisa esiliphakamisayo: "First" ngu Lauren Daigle
Mayelana naloluHlelo
U-Amy Groeschel ubhale lolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa lweBhayibheli ngokuthemba ukuthi luzothathwa ngqo kusuka enhliziyweni kaBaba wethu onothando luza kweyakho. Umthandazo wakhe ukuthi lukufundise ukugwema ukukloloda okuphikisayo bese ikuvusa ukuba ugxile eZwini laKhe.
More