Ukungakhathazeki NgaluthoIsampula

Anxious For Nothing

USUKU 7 KWEZINGU- 7

Mhlawumbe ikhona kulezizindaba ehlalile enhliziyweni yakho. Noma eyakho indaba yehlukile. Kepha noma iyiphi impi obhekene nayo nokukhathazeka, lowo Moya ofanayo owavusa uKristu kwabafileyo uhlala kuwe. Futhi akakunikanga umoya wokwesaba.

Lokho akusho ukuthi uma ulwa nokukhathazeka awunalo ukholo olwanele. Akusho ukuthi awuthembi uNkulunkulu ngokwanele. Empeleni, kungenzeka ukuthi ukukhathazeka yiyona nto ekusiza ukuthi ufunde ukuthembela kuNkulunkulu? Kungenzeka yini ukuthi ukukhathazeka kube yisikhuthazi sokukusondeza eduze noNkulunkulu?

Ukukhathazeka kuba yisipho esisisiza ukuthi sincike kuNkulunkulu. Lokho akusho ukuthi siyeke ukufuna usizo noma ithemba. Kusho ukuthi siyazi ukuthi ukulandela ukuthula kuthatha isikhathi.

Ngakho-ke, kungenzeka yini ukuthi uphile ngokungakhathazeki ngalutho? Yebo. Lokho akusho ukuthi ngeke kube khona izinto ongakhathazeka ngazo. Ngenxa kaJesu singaphila singakhathazeke ngalutho noma ngabe kukhona esingakhathazeka ngakho—hhayi ngamandla ethu kodwa ngobukhona Bakhe. Bheka lamavesi futhi:

Ungakhathazeki ngalutho, kepha kuzo zonke izimo, ngomkhuleko nangokunxusa, ngokubonga, beka izicelo zakho kuNkulunkulu. Futhi ukuthula kukaNkulunkulu, okudlula ukuqonda konke, kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu. KwabaseFilipi 4:6-7 NIV

Liphefumule leloqiniso. Sihlala sizihlupha ngegama elithi “ukuthula,” kodwa lithi, “ukuthula kukaNkulunkulu.” Ukuthula kweqiniso kutholakala kuphela ebukhoneni bukaNkulunkulu. Ngakho-ke impendulo yokukhathazeka akuyona ingcindezi eyehlile kepha inguNkulunkulu?

Cabanga: Ngingabumema kanjani njalo ubukhona nokuthula kukaNkulunkulu empilweni yami?

Khuuleka: Nkosi, ngiyabonga ngobukhona kwakho njalo. Ngiza Kuwe namuhla ngicela ukuthula okunganikezwa Nguwe kuphela. Ngifuna Wena. Ngikumema kuyo yonke ingxenye yempilo yami. Ngisize ngithembele kuwe ngokugcwele ngokuphelele futhi namuhla. Ngikunika konke ukukhathazeka nokwesaba kwami. Ngisize ngiphile ngingakhathazeki ngalutho ngincike kuwe. Ngiyakwethemba. Ngikunika konke okwami. Egameni likaJesu, amen.

Uma unokukhathazeka, noma umuntu omthandayo, kukhona usizo nethemba elitholakalayo. Funda kabanzi mayelana nokuthi ukukhathazeka kubukeka kanjani, ukuthi ungabhekana kanjani nakho, nokuthi ungabasiza kanjani abanye abacindezelekile.

Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Anxious For Nothing

Kuthiwani uma kunendlela engcono yokulwa nokukhathazeka okungapheli okukugcina uphapheme ebusuku? Ukuphumula kwangempela kuyatholakala—mhlawumbe kuseduze kunalokho obucabanga ngakho. Faka esikhundleni sokwethuka ngokuthula ngalolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7 oluvela ku-Life.Church, oluhambisana nochungechunge lomlayezo kaMfundisi Craig Groesschel oluthi Ungakhathazeki Ngalutho.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: https://www.life.church/