Ukungakhathazeki NgaluthoIsampula
What if anxiety can bring you closer to Jesus? Jordan spent a whole year praying his anxiety away until he discovered something deeper—a stronger relationship with Jesus. Maybe you can relate to his story:
“Ngicabanga ukuthi ngizokufa.”
Yilokho kanye engangikucabanga ubusuku obuningi bokuphelelwa ubuthongo ngonyaka odlule. Ngangizama ukulala, ngivuswe uvalo ngaphandle kwesizathu. Isifuba sami sasivalekile. Nganginomuzwa wokuthi ngiyaklinyeka, ngingakwazi ukuphefumula ngezinye izikhathi. Kwakuphindaphinda lokhu, ngaze ngagcina ngakhetha ukuthi ngilale kusofa ukuze ngingamvusi umkami.
Ngelinye ilanga, ngaya kudokotela ngamchazela ngezimpawu zami — ubuhlungu besifuba, inkinga yokulala, nokwethuka. Ngemuva kokuhlolwa okumbalwa ekuvakasheni okumbalwa, wathi nginokukhathazeka.Ngingaba neqiniso? Kwangenza ngazizwa ngiyisehluleki njengomKristu. Ngangingathandazi ngendlela efanele yini? Akumele ngabe ngixakeka kanje, ngangicabanga, Kufanele ngibe nokuthula ngingakhathazeki—njengokusho kukaJesu!
Ngemuva kokulandela imiyalo kadokotela nokuqala ukuthatha amaphilisi, ngaqhubeka ngathandazela ukukhathazeka ukuthi kuvele kuhambe. Ngangingasafuni ukubhekana nakho.
2 KwabaseKhorinte 12, ehumushweni le NIV, uPawulu wachaza “iva enyameni.” Noma singangalazi kahle “iva” likaPawulu ukuthu laliyini, ukukhathazeka kungazwakala njengalo kubantu abaningi, nakimina. UPawulu uthi wamncenga uNkulunkulu kathathu ukuthi alisuse, esikhundleni salokho, uJesus wathi kuye, “Umusa wami ukwanele, ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” (kuyagcizelelwa)
Umusa kaJesu wenele, noma ngabe izimo zinjani. Ngenkathi ngiqala ukuthandazela ukwelashwa, ngaqala ukusondela kuJesu. NjengoPawulu, uNkulunkulu akalithathi kimi “iva.” Kodwa, Ngiye ngazithola sengikuthanda kakhulu ukufunda iZwi Lakhe, futhi sengithandaza kakhulu kunakuqala.
Ngangicabanga ukuthi engikudingayo ukuphulukisa ukukhathazeka kwami. Empeleni, ngangidinga kakhulu uJesu. Manje, angisasho ukuthi ukube ngangiseduze noJesu ngangingeke ngibe nokukhathazeka. Kodwa futhi ageke ngiyeke ukuthandazela ukukhathazeka ukuthi kuhambe. Ngisathandazela ukukhululwa kulo iva njengoPawulu enza.
Kepha kunokuthile okungcono kakhulu okwenzekayo kimi kunokuphiliswa masinyane ekukhathazekeni: Ngithuthukisa ukuqonda okujule kakhulu ngoNkulunkulu nobudlelwano obunothe kakhulu Naye.
Esikhundleni sokuthandazela ukuthula nje, ngazithola sengisondela eNkosini Yokuthula. Lapho ngiqala ukukhathazeka ngekusasa lami, ngazikhumbuza ukuthi ungu-Alfa no-Omega — isiqalo nesiphetho, owokuqala nowokugcina.
Ngathandazela ukuba ukukhathazeka kwami kuphele, kodwa ngathola okuthile okungcono kakhulu: ubukhona bukaJesu obunamandla, obunothando empilweni yami — ngisho nasekukhathazekeni.
-uJordan
Mayelana naloluHlelo
Kuthiwani uma kunendlela engcono yokulwa nokukhathazeka okungapheli okukugcina uphapheme ebusuku? Ukuphumula kwangempela kuyatholakala—mhlawumbe kuseduze kunalokho obucabanga ngakho. Faka esikhundleni sokwethuka ngokuthula ngalolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7 oluvela ku-Life.Church, oluhambisana nochungechunge lomlayezo kaMfundisi Craig Groesschel oluthi Ungakhathazeki Ngalutho.
More