Ukungakhathazeki NgaluthoIsampula

Anxious For Nothing

USUKU 3 KWEZINGU- 7

Ukuthula kukhona ngempela esikhathini sanamuhla? UCheri wahamda efuna ukuthola lokhu eminyake ni engu 11 eyedlule. Yilokhu akuthola:

Ngikukhumbula kahle. Usuku enganquma ngalo ukuthi angisakwazi ukuphila kanjena.

Yimi lo, umlandeli ogcwele kaKhristu, ngizithola ngenza njengawowonke umuntu.Ngangihlala ngokwesaba nokukhathazeka, nokho ngangazi ukuthi akufanele kube njalo! Ngangifunda njalo eZwini likaNkulunkulu ukuthi ngingesabi futhi ngingakhathazeki ngalutho. Kodwa lokho kwakuzwakala kungenakwenzeka!

UNkulunkulu unezintoazishoyo eBhayibhelini mayelana nokwesaba kanye nomuthi wokulwa nakho: ukuthula. Nglinye ilanga, uJesu nabafundi bakhe babesesikebheni bewela uLwandle LwaseGalile lapho isiphepho esinamandla sisongela ukubacwilisa. Bonke balwela ukungacwili, kodwa uJesu wayenzani? Wayelele ubuthongo obumnandi! Phakathi nesiphepho.

Abafundi bathi kuye: “Mfundisi, awunandaba nokuthi siminza na?” UJesu wasukuma wakhuza isiphepho, futhi sathula nya. Wabuza abafundi bakhe, wathi: “Yini ukuba nesabe kangaka? Anikabi nakukholwa namanje?” NgokukaMarku 4:40 NIV

Lokho kwaba yingxoxo yami noNkulunkulu. Ngangimuzwa engibuza ukuthi ngesabelani, ngangimphendula, Akubonakali yini?Buka izimo engibhekene nazo! Ubani ongeke esabe?

Ekufuneni kwami ukuthula, izinto ezining zacaca.

  1. Izimo zami zazinquma izinga lami lokuthula. Uma izimo zempilo zizinhle zonke,nganginokuthula. Uma izivunguvungu zazingizungeza, ngangicindezeleka, ngikhathazeke futhi ngikhathale ngaso sonke isikhathi — ngikhathale ngisho imizwa yami. Nganginjengabafundi esivunguvungwini. Ngangesaba isiphepho, ngibuhlungu, futhi ngididekile ngoba ngangicabanga ukuthi uNkulunkulu akanandaba. Kodwa uJesu wangibonisa lokhu.
  2. UJesus wayezama ukungifundisa ukuthula, noma ngabe kunesivunguvungu. Uyayazi into ecishe ibe nje? Ayilula, angithi? Ngangizama ukuqonda ukuthi uJesu wayengalindela kanjani ukuthi ngibe nokuthula esivunguvungwini, ngizibuza nokuthi ingabe Wayengikhathalela ngempela yini, okwenza ngabona iphuzu lami elilandelayo.
  3. Izivunguvungu zami zaziveza izinga lokuMthemba kwami. Ukuthula akusho ukuthi konke kuhamba kahle empilweni yakho. Kusho ukuba nokuthula lapho izivunguvungu zishukumisa impilo yakho. Ngangingakafundi ukwethemba uNkulunkulu nokuthola ukuthula nakulezo zivunguvungu. Ngabe usufikile wena kulolu donga?

Kwakucacile ukuthi kwakumele ngikhule. Kepha ngafunda ukuthi indlela eya ekuthuleni itholakala ngokuthembela nokulungisa imicabango yethu kuLowo ongalokothi athuswe izivunguvungu. Akuzange kwenzeke masinyane lokhu, kodwa kancane kancane, ukuthula nokuphumula okwengeziwe kwavuselela umphefumulo wami okhathele.

-uCheri

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Anxious For Nothing

Kuthiwani uma kunendlela engcono yokulwa nokukhathazeka okungapheli okukugcina uphapheme ebusuku? Ukuphumula kwangempela kuyatholakala—mhlawumbe kuseduze kunalokho obucabanga ngakho. Faka esikhundleni sokwethuka ngokuthula ngalolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7 oluvela ku-Life.Church, oluhambisana nochungechunge lomlayezo kaMfundisi Craig Groesschel oluthi Ungakhathazeki Ngalutho.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: https://www.life.church/