Ukungakhathazeki NgaluthoIsampula
Uyazi ungamdumisa uNkulunkulu noma uzwa ubuhlungu? Ubrian wabhekana nokukhathazeka okwaholela nasebunzimeni emzimbeni wakhe. Kepha kukho konke lokho, wathola ukuthi kuningi okusamele abonge uNkulunkulu ngakho. Nansi indaba yakhe:
Ngiqale ngabhekana nokukhathazeka okukhulu nokwethuka eminyakeni ethile eyedlule ngenkathi ngisahlala kwelinye izwe ngesikhathi ngisesigabeni esinzima sempilo yami. Ngenkathi ngizama ukufunda ulwimi olusha, ukuqala ibhizinisi, ngibe ukukhanya kukaKristu lapho kwakungekho ndlu yesonto khona, futhi nginamawele anonyaka owodwa, kwaba sengathi ngehla kancane esigodini esimnyama.
Ngokuhamba kwezinyanga ezimbalwa, ngahlushwa izinhlungu zesifuba, ikhanda elibuhlungu nokunye ukugula okwaba yisisusa sokwesaba nokukhathazeka ngokungafani nanoma yini engake ngayibona. Kuze kube yileli qophelo empilweni yami, ngangingakaze ngibe nokukhathazeka, eqinisweni, ngangize ngizigqaja ngokuba ngumuntu ojwayele ukuzibeka engcupheni. Kodwa ngaqala ngibuka izinto ngobubi bazo— ngineqiniso lokuthi akuhambi kahle kimi futhi izinto ezimbi zazizokwenzeka emndenini wami.
Abantu bayabuza ukuthi ukukhathazeka kwami bekungokwesimo, ngokomzimba, noma ngokomoya. Sengikucabangele lokhu kancane, ngiyaqiniseka ukuthi impendulo ingu "yebo". Ngikholelwa ukuthi ziningi lezizinto. Ingcindezi inendlela yokubila ize ifike lapho ngisho nalabo abanokubekezelelana okuphezulu besengozini yamandla ayo.
Kanjalo, njengokugula komzimba, abanye bethu banokuzwa umzimba wethu uma ungemuhle kahle. Ngaphezu kwalokho, isitha sethu somoya siba ngusomathuba uma kukhulunywa ngokuhlasela kwaso, sishaya ezindaweni zethu ezibuthakathaka.
Enseleleni kaPawulu edumile yokungakhathazeki ngalutho kwabaseFilipi 4: 6-7, akasibizeli nje u]ekuthandazeni kepha futhi nasekubongeni. Akasho uPawulu ukuthi sikwenze lokhu uma sesiphumelele. Empeleni, kwayena uPawulu wayebhekene nesimo esinzima. Wayebhalela ibandla laseFilipi esejele futhi ebhekene nekusasa elingaqinisekisiwe. Futhi-ke, incwadi yakhe ikhombisa injabulo ejulile nesimo sakhe sengqondo senjabulo.
Ngakho ke, ebuhlungwini bethu, kumele sidumise.
Nagisho ukuthi uPawulu ukuthi sisenzise. Ngicabanga ukuthi uPawulu usiphonsela inselelo yokuthi sinikeze ukubonga lapho kufanele khona, noma siphakathi kwanoma yimuphi umzabalazo.
Ngithole ukuthi angikaze ngibe ngongenazo izinto zokuzijabula ngazo. Ngisho nangezinye zezilingo ezinzima kakhulu engike ngabhekana nazo, kube khona nezinto engibongayo ngazo. Ukucabanga ngazo nokubonga kuYe kwenza ngizibone kabusha izinto futhi ngithulise ingqondo.
Ukugcwala ngokweqile kwemicabango emibi noma ecindezelayo kungadala umuzwa wenhlekelele ezayo. Kepha noma ngithi lapho ngibonga uNkulunkulu njengesenzo sokuphoqa, ngivame ukuzwa isisindo siqala ukuphakama.
Kodwa akusho lokhu ukuthi kungenzeka ukuthi impilo yanomubani ingabi nobunzima. Kepha umgomo wokudumisa uNkulunkulu ngisho nasebuhlungungwini uyindlela eya ebukhoneni Bakhe obuphilisayo, obusinikeza ukuthula.
-uBrian
Mayelana naloluHlelo
Kuthiwani uma kunendlela engcono yokulwa nokukhathazeka okungapheli okukugcina uphapheme ebusuku? Ukuphumula kwangempela kuyatholakala—mhlawumbe kuseduze kunalokho obucabanga ngakho. Faka esikhundleni sokwethuka ngokuthula ngalolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7 oluvela ku-Life.Church, oluhambisana nochungechunge lomlayezo kaMfundisi Craig Groesschel oluthi Ungakhathazeki Ngalutho.
More