Ukungakhathazeki NgaluthoIsampula

Anxious For Nothing

USUKU 1 KWEZINGU- 7

Ukubaleka

Ukuphila ngokukhathazeka kufana ncamashi nokubaleka—kodwa ube ubalekela impilo yakho. Uvalo luzinza esifubeni sakho ngenkathi uzama ngamandla ukubalekela endaweni ephephile ebukeka kungafinyeleleki kuyo. Izinkathazo zizungeza ekhanda lakho ngejubane elenza kube nzima ukuphefumula, nokwesaba kugcwale, kudale ukungakwazi ukwenza izinqumo nokungazithembi.

Kuzwakala kuyinto oyaziyo? Kukhona ingcindezi engapheli empilweni yakho yokungaphumuli — ama-imeyili awapheli, izaziso zinqwabelana kumafoni singakhohlwa kanjani nonoxhaka wokuqhathanisa esilethwa yimithombo yezokuxhumana. Ngakho-ke, siphila kanjani nalokho, lapho sazi ukuthi njengabalandeli bakaJesu, sibizelwe ukuhlala singakhathazeki ngalutho?

NjengamaKristu njalo sizizwa silahlwa unembeza ngo asifanele ukuzizwa ngalendlela.

Kodwa kungabanjani uma siyeka ukubaalekela izinto kodwa siye kothile?

WSingakwenza. Ungakwenza. Isithembiso sokuthi singaphila singakhathazekile ngalutho asincikile kulokho esingakukhiqiza thina kepha ebukhoneni bukaNkulunkulu. Bheka ukuthi lithini kwabaseFilipi 4: 6-7 NIV:

Ungakhathazeki ngalutho, kepha kuzo zonke izimo, ngomkhuleko nangokunxusa, ngokubonga, beka izicelo zakho kuNkulunkulu. Futhi ukuthula kukaNkulunkulu, okudlula ukuqonda konke, kuyakulinda izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.

Ngokwethu, asinathemba lokulwa nokukhathazeka. Kodwa ngoNkulunkulu? Sinokufinyelela ebukhoneni Bakhe, okunikeza ukuthula esingenakuqala ukukuqonda.

Yini engcono kakhulu ngaleso sithembiso? Kuyinqubo eqhubekayo. Kuso sonke isimo. Njalo lapho siqala ukuzizwa sikhathazekile, singaya kuNkulunkulu ukuthola ukuthula Kwakhe ngoba ukuthula kungumphumela wobukhona bukaNkulunkulu.

Ukukhathazeka akuvamile ukunganyamalal masinyane. Kuyinqubo yesikhathi ngesikhathi eqhuekayo yokufuna ubukhona Bakhe. Ezinsukwini ezimbalwa ezizayo, sizokwabelana ngezindaba zabantu bemihla ngemihla abake bahlangabezana nokukhathazeka nokuthi yini abayifundile endleleni.

Ufuna ukufunda okunye ngesihloko Ukungakhathazeki Ngalutho? Bheka uchungechunge lwemilayezo ehambisana nalo ukuthola ukuthula okwengeziwe.

*Uma uzwa unengcindezi yokukhathazeka, kubalulekile ukuthi ufune usizo oludingayo. Uma ucabanga ukuthi unesifo sokukhathazeka, thinta udokotela wakho. Ukufuna usizo akukwenzi ube buthakathaka; kukwenza uhlakaniphe.

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Anxious For Nothing

Kuthiwani uma kunendlela engcono yokulwa nokukhathazeka okungapheli okukugcina uphapheme ebusuku? Ukuphumula kwangempela kuyatholakala—mhlawumbe kuseduze kunalokho obucabanga ngakho. Faka esikhundleni sokwethuka ngokuthula ngalolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7 oluvela ku-Life.Church, oluhambisana nochungechunge lomlayezo kaMfundisi Craig Groesschel oluthi Ungakhathazeki Ngalutho.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: https://www.life.church/