Ukungakhathazeki NgaluthoIsampula

Anxious For Nothing

USUKU 4 KWEZINGU- 7

UJesu uhlangana nathi phakathi kokukhathazeka, noma singamuzwa ekuqaleni. UChelsea waqala ukubhekana nokukhathazeka ngemuva nje kokuphothula ekolishi. Nayi indaba yakhe yokuthi uNkulunkulu wamkhipha kanjani ebumnyameni wangena ekuthuleni Kwakhe.

Imizwa yokwesaba, ukukhathazeka nokudangala yayingeyangempela. Ngangivele ngingakwazi ukudla ngenxa yesicanucanu nsuku zonke. Ngangilala ngaphezu kwamahora angu-12 ubusuku ngabunye, kepha njalo ekuseni kwakuyimpi makumele ngivuke embhedeni. Kwakukubi engqondweni yami kangangokuthi izinsuku eziningi ngangingakhulumi. Ngafuna usizo emndenini wami, kudokotela, kumeluleki, kubefundisi, nakubangane, kodwa izinsuku zami zobumnyama zazibonakala zingapheli.

Sonke sihlangabezana nezinsuku ezimnyama. Futhi lezo zinsuku ezimnyama zingadlula amasonto. Noma izinyanga. Noma iminyaka. Kepha uma uyazi indaba yangoLwesihlanu Oluhle, usuku uJesu anikela ngalo ngempilo yakhe ngenxa yakho, uyazi ukuthi zikhona izindaba ezimnandi, bangani. NgoLwesihlanu kumnyama, kodwa iSonto liyeza!

Sinethemba ebumnyameni, futhi ithemba lethu linegama. Igama lakhe uJesu.

Ngosuku lwami olumnyama kakhulu, uLwesihlanu ngoJulayi, ekugcineni ngasondela kuYe njengoba ayesondela kimi. Ngathandaza:

Jesu, ngisize nginqabe amanga esitha.
Jesu, ngisize nginqobe inhliziyo yami ekhathazekile.
Jesu, ngisize ngithembe ukuthi Nguwe olawulayo.
Jesu, ngisize ngikukholwe ukuthi uMoya owakuvusa kwabafileyo uhlala kimi.

Kwathi ezinsukwini ezimbili kamuva, ngeSonto, ngavuka ngingenaso isisindo sokucindezeleka futhi ngingenawo umuzwa wokukhathazeka. Kwakungokokuqala ngqa esikhathini eside, ngakuzwa ukuthula Kwakhe. Ngathola ukuphulukiswa okuyisimangaliso okungachazwa kuphela ubuhle bukaNkulunkulu.

Ngezinsuku zami zobumnyama, uJesu wanginika ithemba. Noma ngangingakwazi ukuMuzwa, Wayekhona. Njalo uma ngizizwa ngikude Naye, Wayengidonsela eduze Kwakhe.

Angazi noma uzokuthola yini ukuphulukiswa okungazelelwe, okuyisimangaliso ebuhlungwini bakho njengoba kwenzeka kimi. Kepha ngiyazi impela uNkulunkulu unawe ebuhlungwini.

UJesu uyakuqonda ukuhlupheka kwabantu. Futhi Uyasikhathalela. Wasikhathalela ngokwanele ukuthi ashiye iZulu asifele ukuze aqede ubumnyama bethu unomphela.

IBhayibheli lithi: … Impilo yakhe yaletha ukukhanya kuwo wonke umuntu. Ukukhanya kukhanya ebumnyameni, futhi ubumnyama abusoze bakucisha. NgokukaJohane 1:4-5 NLT

ISonto liyeza.

-uChelsea

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Anxious For Nothing

Kuthiwani uma kunendlela engcono yokulwa nokukhathazeka okungapheli okukugcina uphapheme ebusuku? Ukuphumula kwangempela kuyatholakala—mhlawumbe kuseduze kunalokho obucabanga ngakho. Faka esikhundleni sokwethuka ngokuthula ngalolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7 oluvela ku-Life.Church, oluhambisana nochungechunge lomlayezo kaMfundisi Craig Groesschel oluthi Ungakhathazeki Ngalutho.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: https://www.life.church/