Indaba yePhasikaIsampula

The Story of Easter

USUKU 7 KWEZINGU- 7

ISONTO

Kulo suku olukhulukazi, sizothatha isikhathi sizindla esiphambanweni, ethuneni elingenalutho nakho konke elisinike kona. Kodwa ake sizindle ngomsebenzi lolu suku olusitshela ukuba "hamba wenze abafundi..." Ivangeli elimsulwa uKristu alidlulisela kubafundi baKhe kwakuyizindaba ezinhle zomusa okumelwe zidluliselwe, hhayi nje zamukelwa kuphela. UJesu washiya abafundi bakhe behlomele ukwenza abanye abafundi, ukuba bathele izithelo. Siyabona ukuthi kwasebenza ngoba abantu ababenza abafundi nabo benza abanye abafundi ngokwabo. Futhi-ke lokhu sekudluliselwe iminyaka eyizinkulungwane ezimbili. Kodwa mhlawumbe kuzo zonke izizukulwane, ikakhulukazi esethu, ngezinye izikhathi ivangeli esilisakazekayo liyashintsha libe into ebuthakathaka. Esikhundleni sokuthela izithelo, sitshala amagilebhisi angenambewu. Njengoba sithatha isikhathi sidumisa futhi sibonga uNkulunkulu namhlanje ngomusa esiwutholile, masithandazele inselela enkulu kunakuqala yokuthi sidlulisele lowomusa nokuthi siphile ngokweKhomishini Elikhulu.
Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

The Story of Easter

Ungalisebenzisa kanjani isonto lokugcina empilweni yakho ukuba bosowazi ukuthi kungelokugcina lokuphila kwakho? Ngesonto lokugcina uJesu esemhlabeni njengomuntu laligcwele izikhathi ezingakhohlweki, iziprofetho ezagcwaliseka, umthandazo esondele, ingxoxo ejulile, izenzo ezinomfanekiso, nezenzakalo ezishintsha umhlaba. Lwakhelwe ukuqala ngoMsombuluko ngaphambi kwePhasika, usuku ngalunye lwale-Life.Church Bible Plan lukukhapha kulendaba evelayo yesonto elingcwele.

More

Sithanda ukubonga i-Life.Church ngokusinikeza lohlelo. Ngemininingwane eminye nge-Life Church, sicela uvakashele: www.life.church.tv