Ukuthola UkuthulaIsampula

Finding Peace

USUKU 7 KWEZINGU- 17

Ukuyekela ukukhathazeka

Ukukhathazeka yinkinka sonke esidibana nayo ngesikhathi esithize. Entshumayeleni yase Ntabeni, uJesu wathi:

Ngakhoke ngiyanitshela, ningakhathazeki ngempilo zenu, ukuthi nizodla ini okanye nozophuza ini, okanye ngemizimba yenu, nokuthi nizogqoka ini. Ngabe impilo ayidluli yini ukudla, nomzimba awudluli izimpahla na? Bheka izinyoni zezulu: azitshali,azivuni futhi azibutheli ezinqolobaneni, kodwa uBaba wenu osezulwini uyazondla. Awubalulekanga yini ngaphezu kwazo (Matt. 6:25-26)

Igama lesiGreki loku "khathazeka" kulendima lisho "ukuphazamiseka". Yigama elisho ukungaqiniseki. Ukukhathazeka kiveza lokhu kithina. Kusinikeza umuzwa wokuthi,Yini elandelayo?Umuzwa wokuthi ukhaphethi ususiwe ngaphansi kwethu, asinamqondo wokuthi sizokuwa na, kangakanani, ngaluphi uhlangothi, okanye phezu kwani.

Leligama "ukukhathazeka" liqhaza futhi igama "khathazeka" eBhayibhelini. Kubantu abaningi ukukhathazeka seyindlela yokuphila. Uma ngabe loku kuchaza wena, ngiyakukhuthaza ukuba ufunde futhi amazwi kaJesu. Amazwi akhe awasisona isiphakamisi - angumyalo.

Ungaze uthi, "angikwazi ukungakhathazeki, njalo ngiyakhathazeka". Ngikuzwile loku kubantu abaningi kuyoyonke leminyaka. Impendulo yami ihlale ithi: "Yebo ungakwazi".

Akukho lutho ngesimo okudala ukukhathazeka okuvele kuzenzekele. Ukukhathazeka kuvela ngenxa yendlela esibhekana ngayo nenkinga okanye isimo esihluphayo. Ikhono lakho lokukhetha yinxenye yesipho sikaNkulunkulu sokuzikhethela kuwowonke umuntu. Uyazikhethela wena ukuthi uzizwa kanjani. Ungazikhethela ukuba ucabanga ngani okanye ungazikhethela ukuthi ubhekana kanjani nesimo. Empeleni akusiyona injongo kaNkulunkulu ikuthi sikhathazeke - akavumeli izimo empilweni yakho ukuze ukhathazeke. Ubaba angavumela isimo empilweni yakhonukhuze akhulise ukholo oluqinile, ukukhula nokuvuthwa, ushintsho lomkhuba omubi okanye isimo sengqondo esingesihle. But uNkulunkulu akakusetheli ukukhathazeka. Uhlale esebenzela ukukuletha kulendawo lapho uzomthemba Yena kakhulu, umlalele Yena ngokuphelele, futhi wamkele eziningi izibusisio ezivela Kuye.

Ungabhekana nokuwela ekukhathazekeni okwehla njalo. Okanye ungathi, "Baba, ngiletha lokhu Kuwe. Kungaphezu kwamandla ami.Ngizizwa nginganamandla kulesisimo, kodwa Wena unamandla okushintsha lokhu engibhekene nakho. Ungithanda ngokuphelele,ngithemba Wena ukungiphathela lokho okungikhathazayo ngendlela obona ngayo.Ngiyazi ukuthi noma ngabe yini ongihlelele yona yenzelwa ukungisiza. Ngilindile, ngibheke indlela ozoveza ngayo uthando lwakho, ukulakanipha namandla".

Mhlobo, yiyo indlela yokuthula - indlela yokuphuma ekukhathazekeni.

Usuku 6Usuku 8

Mayelana naloluHlelo

Finding Peace

Udinga ukuthula empilweni yakho? Udinga ukuthula kungagcini ngokuba yisifiso kuphela? Ukuthula kweqiniso ungakuthola kuphela emthombeni owodwa-uNkulunkulu. Hlanganyela noDkt. Charles Stanley lapho ekukhombisa indlela yokuthula okuzoshintsha impilo, ekunika amathuluzi okuxazulula ukuzisola ngosekwadlula, ukubhekana nezinkinga zamanje, nokuthobisa ukwesaba ngekusasa.

More

Sithanda ukubonga "InTouch Ministries" ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://intouch.cc/peace-yv