Ukuthola UkuthulaIsampula

Finding Peace

USUKU 10 KWEZINGU- 17

Ukufunda ukuphila ngokwaneliseka

Ukuphila ngokwaneliseka ngaphakathi, ukugxila okuphelele kwempilo yakho kumele kube nguJesu Kristo. 

Ngike ngaba ngeziqeshana empilweni yami lapho inkinga ethile noma isimo sasingenza ngilale ngiphenduka, ihora nehora, ngingakwazi ukulala. Sengithole into engcono kakhulu engingayenza uma ngingakwazi ukuyeka ukucabanga ngenkinga ethile, ingxoxo, noma ukugxekwa, ukuthi ngiphume embhedeni, ngiguqe ngamadolo, ngikhale kuNkulunkulu: "Ngiyacela ungisize ngidlule kulokhu. Ngisize ngigxile kuWena kuphela."

Ubuthongo lapho ukugxima kwami kuseNkosini nalapho engafiza ngicabange noma ngiphendule emizweni yami ngesimo esithize. Ubuthongo buyabaleka uma ngivumela ukugxila wami kuphendukele kokushiwo abantu, zonke izinto ezingenzeka, noma ukunzima bengqinamba engaphambili. Ukukhetha kulula-cabanga iNkosi nesibonelelo sakhe esichichimayo, ukuvikeleka, nothando, noma ucabange ngabo bonke abantu nezimo ezizama ukukuphuca isibonelelo, zibhubhise impilo yakho, noma zilethe inzondo phezu kwakho.

Ukucabanga ngeNkosi kulethela umuntu ukuthula. Ukucabanga ngokunye kuvamise ukuba yindlela enqamulelayo eya ekuthukeni, ekwesabeni, nasekukhathazekeni. 

Uma ugxile eNkosini, kubalulekile ukuthi umubheke njengosesimweni sakho kanye nawe, ngaleso sikhathi. Abantu abaningi bamucabanga uNkulunkulu ekude. Ababoni uNkulunkulu efinyeleleka noma etholakala ezimweni eziphuthumayo zezimpilo zabo. Iqiniso lithi, ukhona kanye nathi ngazo zonke izikhathi osukwini.

Ngiyayikhumbula indawo eyayinokuthula engaya kuyo-ulwandle lwase Galile. Eminyakeni eminingi eyedlule, ngangisendaweni ngasolwandle eyayibukeka njengokuthula uqobo lwakho. Kodwa, ezweni lamanje, abantu abaningi abasoze bacabanga leyondawo njengenokuthula. Ingamamayela ambalwa ukuya eSiriya naseLebanon ukusuka khona. Abantu bavamise ukucabanga uIsrayeli njengendawo eyingozi emhlabeni, indawo engenako ukuthula.

Kepha ngezwa ukuthula okukhulu khona. Ngobani? Ngoba ngezwa iNkosi khona. Ngezwa ubukhona bayo.

Kulula kumina ukuvala amehlo ngibone iNkosi ihamba eduze kwami ngasolwandle lwase Galile. Ngaphinde ngathola kulula futhi kunenzuzo ukucabanga iNkosi ihamba eduze kwami kunanoma kuyiphi indawo yemvelo enhle engangikuyo emhlabeni wonke.

Akuziso lezi zindawo ezinginika ukuthula. Ukwazi uNkulunkulu engikuzwa enhliziyweni yami uma ngikulezindawo okukhiqiza ukuthula. Yilowo muzwa "kaNkulunkulu enami" okubalulekile ukubamba kabusha, ngikucabange, ngikubone ngamehlo kamoya, uma izikhathi zezinkinga zifika empilweni yami.

Mngani, noma ungaba kuphi nangasiphi isikhathi, uJesu uwumthombo wokwaneliseka kwakho. Bona iNkosi ihamba nawe nokuthula. Yizwa ubukhona bakhe. Qaphela amandla akhe amakhulu nobuholi bakhe empilweni yakho. Uma ngokholo ungena ebudlelwaneni noKristo, uphila ngokuqinisekiswa kobukhona bakhe nesibonelelo empilweni yakho, ngiyakuthembisa uyokwazi ukuzizwela ukuthula kweqiniso.


Uma ubhekene nezivunguvungu ezweni elingenasiqiniseko, tindezela lana ukufunda kabanzi ngokuthi ungakuthola kanjani futhi ungaphila kanjani ngokuthula.

Usuku 9Usuku 11

Mayelana naloluHlelo

Finding Peace

Udinga ukuthula empilweni yakho? Udinga ukuthula kungagcini ngokuba yisifiso kuphela? Ukuthula kweqiniso ungakuthola kuphela emthombeni owodwa-uNkulunkulu. Hlanganyela noDkt. Charles Stanley lapho ekukhombisa indlela yokuthula okuzoshintsha impilo, ekunika amathuluzi okuxazulula ukuzisola ngosekwadlula, ukubhekana nezinkinga zamanje, nokuthobisa ukwesaba ngekusasa.

More

Sithanda ukubonga "InTouch Ministries" ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://intouch.cc/peace-yv