Imininingwane ngohlelo

Ukuthola UkuthulaIsampula

Finding Peace

USUKU 9 KWEZINGU- 17

Ukunqoba ukwesaba 

Abantu abaningi bacabanga ukuthi okuphikisana nokwesaba yithemba, isibindi, noma amandla. Okuphikisana ngempela nokwesaba ukholo. Uma ukwesaba kudala ukungakwazi ukunyakaza, akugcini ngokucima ukuthula komuntu, kepha kuhlasela isisekelo salokho kuthula-okungukukholwa kwethu. Ukuthula kuyashabalala uma kukhona ukwesaba. 

Ukwesaba okuningi kusuka ekungabazeni ukuthi uNkulunkulu uzoba khona, aphe ubulungiswa noma usizo, noma akwazi ukubhekana nenkinga okuyo. Ukholo luthi, "Yebo, uNkulunkulu ulapha. Yebo, uNkulunkulu uzobonelela. Yebo, uNkulunkulu ukwazi ukwenza konke!"

Ukwesaba okuningi kusuka ekwesatshisweni-kwesinye isikhathi amazwi anokwesabisa, kwesinye isikhathi ezenzweni ezinokwesabisa. Ukholo luthi, "Ngeke ngihlukunyezwe ukusatshiswa. Ngizokwenza ngobuhlakane, hhayi ngokwesaba. Ngiyakholwa ukuthi uNkulunkulu uzovimbela noma yikuphi ubungozi ukuze bungenzeki. Futhi lapho ubungozi bugcina benzeka, ngiyakholwa uNkulunkulu uzongisiza ukubhekana nalokho okufika kimi."

Ngesikhathi uSawuli, inkosi yakwaIsrayeli, ebona ukuthi uNkulunulu wasusile isandla sakhe sogcobo nesibusiso kuye (ngenxa yokuzigqaja nokungahloniphi kwakhe) okunalokho wasibeka emfaneni osemncane, uDavide, waba nentukuthelo. Waqala umkhankaso wokuthola uDavide amubulale-ukususa lobungozi empilweni yakhe (1 Sam. 19). Ngakwelinye icala, uDavide wazizwa esabisekile ngebutho likaSawuli futhi ezikhathini eziningi wasabela impilo yakkhe. Kodwa imibhalo isitshela ukuthi uDavide waqiniswa yizethembiso zikaNkulunkulu zokumuvikela futhi ngolunye usuku ukumenza inkosi yakwaIsrayeli.

Ezweni lethu lesimanjemanje, sivamise ukufunda ngabantu okuthi noma besatshiswa yisifo, yingozi, noma ubungozi, baphokophela phambili kwimiphumela abangayazi-ukwenqatshwa, ukwahluleka, futhi yebo, kwesinye isikhathi ukunqoba. Abahloli beArtict, abasubathi bamaOlympic, izithunywa zevangeli, abatshalizimali zezimboni, nabezenhlalakahle bafika emqondweni. Ngakho ukusabiseka akudingi ukusivimbela noma ukusikhubaza.

Inselelo yethu ezikhathini zokusatshiswa ukuba singagxili kokungahle kwenzeke, kodwa sigxile kwesingathembela kukho njengokuyiqiniso.

Abantu abaningi baphila ngaphansi kwefu elimnyama lokwesatshiswa namhlanje. Abanye basesimweni sokusatshiswa yizifo, abanye babhekene nokwesatshiswa ngokulimala wezingane zabo, futhi abanye bezwa ukwesatshiswa okuphathelene nokulahlekelwa umsebenzi wabo.

Impendulo yazo zonke lezinhlobo zokusatshiswa ukholo kulokho esikwaziyo ukuthi kuyiqiniso ngoNkulunkulu nangothando nokusinakekela Kwakhe nokukwazi Kwakhe ukubonelela zonke izidingo zethu-ikakhulukazi ukuthula Kwakhe, okungasisiza kunanoma yini.

Usuku 8Usuku 10

Mayelana naloluHlelo

Finding Peace

Udinga ukuthula empilweni yakho? Udinga ukuthula kungagcini ngokuba yisifiso kuphela? Ukuthula kweqiniso ungakuthola kuphela emthombeni owodwa-uNkulunkulu. Hlanganyela noDkt. Charles Stanley lapho ekukhombisa indlela yok...

More

Sithanda ukubonga "InTouch Ministries" ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://intouch.cc/peace-yv

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo