Imininingwane ngohlelo

Ukuthola UkuthulaIsampula

Finding Peace

USUKU 1 KWEZINGU- 17

Isisekelo sokuthula konke

Ngaphambi komcimbi wokukhuluma kungekudala, omunye wabasebenzi kanye nami sasithokozela isidlo ogwini lase ntshonalanga. Ngesikhathi uweta osemncane wayehambele itafula lethu, ngamubuza: "Mangase ucele uNkulunkulu noma yini empilweni yakho, yini ongamucela akwenzele yona?"

Ngaphandle kokungabaza, waphendula wathi: "Ngingacela ukuthula."

Unyembezi lwehla esihlathini sakhe lapho esixoxela ngokushona kukagogo wakhe ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.

Ngesikhathi esixoxela indaba yakhe, ngathola ukuthi akekho emndenini wakhe okholwa kuNkulunkulu-okubalwa naye. Akakaze amenqaba ngenhloso. Ayekwazi ukuthi kwakhukhona ukungaphumuli ngaphakathi, kodwa wayengaqondi ukuthi angasiqeda kanjani isivunguvungu esingaphakathi, nokuthi umsusa waso kwakuyini. Njengabantu abaningi, wayephila usuku nosuku, engenayo inhloso noma isizathu ngempilo yakhe.

Lo owesifazane osemncane ufana nabaningi emphakathini namhlanje-umelene nemizwa, uyahlanganisa, ebheka indlela nalapho kubukeka ingekho, nokuzama ukuthola umqondo wakho konke.

Isikhathi esiningi, zibukeka zingekho izimpendulo ezanele zenkinga yethu bantu-ikakhulukazi eyombuzo wokuthi kungani sizizwa singaphelele, singenalutho, futhi siswele ukuthula. Ngaphezulu, kubukeka kungekho isizathu esigculisayo sokuqhubeka sizame kangconywana futhi siqhubeke sihlushwe ubunzima bempilo.

Lo weta owayesisiza wasichazela loludaba ngendlela yakhe ngokuthi, "Ngidinga ukuthula." Abanye bangathi, "Nginomzwangedwa." Abanye bangathi, "Uma ngabe umlingani wami angangithanda ngendlela okuyiyona, ngingaba nokujabula." Izimpendulo ezahlukene kodwa zicula iculo elilodwa: "Kukhona okungalungile ... Angijabulile. Anginakho ukuthula. Yini engalungile ngami?"

Abaningi abayizisulu zemiyalezo yempilo yasezweni bathola lokungagcwaliseki bangaziyamanisi izinkinga zabo noNkulunkulu. Sihlezi sifunzwa imiyalezo yezwe: "Ukube ubunciphile, ugqoke ngesitayela esingconywana, ushayela iJaguar, uhlala ohlangothini olungcono lwedolobha, wenza imali eningana …" uhla luyaqhubeka. Kodwa ayikho neyodwa yalezimpendulo ezibizayo ephendula izinkinga zethu noma ezinye ezingamakhulu ngamakhulu esizinikwayo ezingasinikeza unomphela futhi ngokugculisayo lokho esikulangazelela kakhulu.

Lo weta osemncane wakuthola kahle: Iningi lethu sizizwa ngokunamandla ukuthi sidinga okungaphezulu-futhi igama elikugoqa konke likuchaze kahle elithi ukuthula.

Njengomuholi eminyaka eyedlule engamashumi ayisithupha, ngingakutshela ukuthi uze uthelo ukuthula kuNkulunkulu, awusoze ukuzwe ukuthula kwangempela kulempilo. 

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Finding Peace

Udinga ukuthula empilweni yakho? Udinga ukuthula kungagcini ngokuba yisifiso kuphela? Ukuthula kweqiniso ungakuthola kuphela emthombeni owodwa-uNkulunkulu. Hlanganyela noDkt. Charles Stanley lapho ekukhombisa indlela yok...

More

Sithanda ukubonga "InTouch Ministries" ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://intouch.cc/peace-yv

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo