Imininingwane ngohlelo

Ukuthola UkuthulaIsampula

Finding Peace

USUKU 6 KWEZINGU- 17

Ukuphila Ngaphandle Kokuzisola

Ngikhumbula ngivala ucingo kancane ngase ngiphefumula kakhulu ngithi, "Nokho … sekwenzekile."

Izwi elingakolunye uhlangothi locingo kwakungummeli, engazisa ukuthi umkami wayefake incwadi yesahlukaniso.

Ngase ngiphile nokwesatshiswa ngesahlukaniso iminyaka eminingi. Kodwa noma kunjalo, zangethusa izindaba engazinikezwa.

Ezinsukwini ezimbalwa ezilandelayo, imizwa nemicabango eminingi yafika enhliziyweni nasengqondweni yami. Ngangingasifuni isehlukaniso. Ngangingazi ukuthi ngenze njalo ukuvimbela ukuba isahlukaniso singenzeki. Ngangingazi ngitshele bani, nokuthi ngimutshele kanjani. Ngangazi ukuthi ekugcineni kwakumele ngitshele ibandla lonke engangilikhokhela, futhi ngangingaqinisekanga ukuthi ibhodi nabazalwane bazophendula kanjani. Into eyayiqinisekile kwakuyingcindezi yokulungiselela nokwethula inkonzo yangeSonto elilandelayo.

Nanoma umqondo wami wawugijima ngesivinini esikhulu, lamaqiniso ngangiwazi ngokungangabazi ekujuleni kwenhliziyo yami:

Unkulunkulu wayengamangele ngalesenzo esasenziwe kimina.
Unkulunkulu wayelawula impilo yami-Wayekuvumele ukuba lokhu kwenzeke ngenhloso Yakhe njengecebo Lathe ngami.
Wayethembisile eZwini Lakhe ukuthi ngeke angishiye noma angilahle. Wayethembisile ukuba seduze kwami kuso sonke isinyathelo endleleni; ngakhoke, zonke izinto zazizoba ngezenzuzo yami yaphakade uma kuphela ngiqhubeka ngithemba yena ngokuphelele.

Imininingwana eyayiseduze ngesimo engangikusona yadala inxushunxushu. Iqiniso elingashintshi ngoNkulunkulu ladaba ukuthula.

Cishe emva kweminyaka eyisishiyagalombili ngathola ucingo lukammeli, isehlukaniso ayesifuna umkami wasithola ngokusemthethweni.

Abantu babesho kumina emva weminyaka kwenzeka: "Ngokuqinisekile uyazisola ngokulahlekelwa umshado wakho … ngokuthi wahluleka empini yokusindisa umshado wakho … ukuthi yonke imizamo yakho yokuthi nibuyisane ayisebenzanga."

Impendulo yami yangaphandle yayivamise ukuba ukuthula. Eyangempela, yangaphakathi impendulo kulezi zinkulumo, Ngangiphatheke kabuhlungu, yebo. Ngangizisola, cha. 

Nanoma ngangiphatheke kabuhlungu ukuthi umshado wami waphela ngesahlukaniso, angiphili ngomuzwa ongapheli wokuzisola. Ngani? Ngoba ukuzisola kusukela ekubeni necala okungaxazulekanga. Ngangazi ukuthi nginokuthula noNkulunkulu, ngakho ukuzisola necala akusiyo ingxenye yempilo yami.

Ngithole ukuthi indlela engcono yokuphila ngaphandle kokuzisola ukuba nonembeza omsulwa. Khetha ukuphila ngendlela yokuthi wenza ngakho konke okusemandleni kuwo wonke umsebenzi nasebudlelwaneni, unikeze ukuzama kwakho ekuphezulu ekutheni uphile impilo enobuNkulunkulu. Khetha ukuthembela kuNkulunkulu kuyoyonke ingxenye yempilo yakho-hhayi kuphela lezo ezilula. Khetha ukuhlonipha Yena nokugcina imiyalelo Yakhe. Khetha ukuthethelela abanye ngokuphelele. Futhi ukhethe indlela uNkulunkulu akuvezela ukuba uyilandele.

Nanoma kungekho ongenza konke lokhu ngamandla akhe, ngokuhlala kukaMoya Oyingcwele kithina, singahlukana nalo lonke uhlobo lwezilingo silandele ukuthula ngaphakathi kuthina nakwabanye-futhi siqhubeke nemisebenzi emihle uNkulunkulu asiyalele ukuba siyenze.

Usuku 5Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

Finding Peace

Udinga ukuthula empilweni yakho? Udinga ukuthula kungagcini ngokuba yisifiso kuphela? Ukuthula kweqiniso ungakuthola kuphela emthombeni owodwa-uNkulunkulu. Hlanganyela noDkt. Charles Stanley lapho ekukhombisa indlela yok...

More

Sithanda ukubonga "InTouch Ministries" ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://intouch.cc/peace-yv

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo