Ukuthola UkuthulaIsampula

Finding Peace

USUKU 8 KWEZINGU- 17

Ukuphila ngokuthula nabanye 

Kuyingqinamba esibhekana nayo kaningi: Singaphila kanjani nabanye ngokuthula futhi sibuyise ukuthula lapho kuqubuka ingxabano? 

Iqiniso lithi, uNkulunkulu ufisa ukuba siphila ngokuthula nabanye. Uyazi futhi ukuthi ngeke sihlale sinokuthula nabanye. Izingxabane ziyenzeka. Ngezinye izikhathi, izingxabano azikwazi ukuxazululeka kalula. Empeleni, kunezikhathi lapho izingxabano zingeke zaxazululeka. Kodwa, uNkulunkulu ufuna ukuthi thina senze konke okusemandleni ukuba nokuthula nomuntu wonke.

Thina esingabalandeli baKristo sazi ngokugcwele ukuthi uma uNkulunkulu engalawuli izimpilo zethu ngokuphelele, singenza ekunengekayo njengabangakholwa. Ukholo lwethu alusivimbeli ngokwalo ukuba sibe nonya, nomona, nenzondo, noma nolaka. Kulapho sicela uMoya Oyigcwele ukuba usebenze kithina nangathi, lapho sithobela unjalo bethu kubunjalo bakhe, kuphela uma sikhetha akuba ngabamele yena kulomhlaba kubo bonke ubudlelwane esinabo lapho sizodlula kwimpakamo sifinyelele ezenzweni ezisungula ukuthula.

Ngakho sibhekana kanjani nengxabano uma iqhamuka sisungule umphumela onokuthula?

Okokuqala, thola ukubaluleka kobudlelwano. Uma uzophila ngokuthula nomunye umuntu, kumele uthathe isiqumo, "Ngabe lobudlelwane bubaluleke ngokwanele ukuba ngibulondoloze? Ngabe ngizimisele ukwehlisa kwezinye izinto ukwenza lobubudlelwano busebenze?" Ngiyakholwa ngokuqinile ukuthi labo abasindisiwe ngomusa nabahleli uMoya Oyingcwele bangakuthola ukuthula kwangempela ebudlelwaneni babo uma bobabili bethanda ukubugcina ukudlelwane.
Okwesibili, qala ukhulume … futhi uqhubeke ukhulume. Uma abantu ababili bekhuluma-futhi bezimisele ukuqhubeka bakhulume futhi balalelane-banamathuba amaningi okuthola izixazululo ezisheshayo ezingxabanweni baphilisane ngokuthula.
Okwesithathu, vela obala. Ngeke ukwazi ukuba nezinjongo eziyimfihlo noma amaqhinga anobuqili emqondweni wakho bese uba nethemba lokuthi uzoba nobudlelwane obunokuthula. Ukuvela obala neqiniso kwabanye uma kuqhamuka izingxabano kuyasiza ukufinyelela kwisixazululo esinokuthula ebudlelwaneni bakho.
Okokugcina, thola umongo wenkinga. Ngesikhathi uxhumana ngokukhululeka nabanye, ubheka ngokweqiso impande yengxabano, uzokwazi kangcono ukulungisa noma yibuphi ubunzima, usungule ukuthula.

Ngesikhathi uphokophelela ukuphila ngokuthula nabanye, umi eqinisweni lamazwi kaNkulunkulu, yazi ukuthi uNkulunkulu uma nawe. Uzoguqula noma yiphi ingxabano noma ukuhlushwa obhekana nako kube yinzuzo yaphakade. Uletha ukukhula ngokomoya, ukholo olukhulu, namandla amakhulu okubekezela ngaphakathi kwakho. 

Usuku 7Usuku 9

Mayelana naloluHlelo

Finding Peace

Udinga ukuthula empilweni yakho? Udinga ukuthula kungagcini ngokuba yisifiso kuphela? Ukuthula kweqiniso ungakuthola kuphela emthombeni owodwa-uNkulunkulu. Hlanganyela noDkt. Charles Stanley lapho ekukhombisa indlela yokuthula okuzoshintsha impilo, ekunika amathuluzi okuxazulula ukuzisola ngosekwadlula, ukubhekana nezinkinga zamanje, nokuthobisa ukwesaba ngekusasa.

More

Sithanda ukubonga "InTouch Ministries" ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://intouch.cc/peace-yv