Ukuthola UkuthulaIsampula

Finding Peace

USUKU 2 KWEZINGU- 17

Ukuthula okunikezwa nguNkulunkulu

Uma ungumfundi weBhayibheli, nginesiqiniseko ukuthi uke waqaphela ukuthi uhlangothi lukaNkulunkulu kuvamise ukuvezwa ngohlobo lokufanisa nokuqhathanisa. Isizathu, wayevamise ukuqhathanisa abanothile nabampofu, abahlakaniphile nabayiziwula, ubumnyama nokukhanya, futhi ngenxa yalesihloko, ukuthula okuvela kuNkulunkulu kunalokho kuthula okutholakala ezweni. Ujesu wathi, "Ukuthula kwami ngininika kona; hhayi njengokunikezwa uhlaba …" (ngokukaJohane 14:27).

Ngokucacile, iNkosi yayichaza ukuthi ukuthula eyakunika abalandeli bayo kwakuhlukile kunokuthula ababengakuthola ezweni. Ujesu ma wayekhuluma "ngezwe", wayekhuluma ngomphakathi nosikompilo thina bantu esiphila kulo.

Wake wabo solwandle olugubhayo? Ngake ngahlangane nezivunguvungu olwandle izikhathi eziningi kanti futhi kafushane nje, angisifiso sokuphinde ngihlangane nazo! Ngaphezulu, umoya ungavunguza ngaphezu kolwandle ngamamayela awu 40, 60, 100 ngehora, nemvula ephephulayo, unyazi, ukuduma, nobumnyama obunzima. Amagagasi angaphakama abe amagxathu angu 20, 30, nangu 50 imbala. Umkhumbi okulesivunguvungu ungaphephetheka njengalowo wethoyizi. Kulula ukuba isintwizilwandle silahleke kwisivunguvungu esiyiloluhlobo. Kodwa ngaphansi kolwandle, amagxathu angu 100 nje kuphela, asikho isivunguvungu. Konke kuthule cwaka. Akukho msindo. Akukho kuxokozela. Akukho nagagasi lesiphithiphithi. 

Leliqiniso elimangazayo lingenza ngicabange ukuthula kukaNkulunkulu. Linginika iconsana lokungungenzeka ukuthi iNkosi yethu yayikhuluma ngakho mhla ithembisa abafundi bayo ukuthula kwayo. Wabatshela ngoba babengabalandeli bakhe, babezoba nezinkinga emhlabeni. Eqinisweni, washo ukuthi abanye babo bazohlukunyezwa ngenxa yokuba ngabafundi bakhe. Kodwa khona kunjalo, wabathembisa ukuthi akasoze ashiye labo abamlandelayo, futhi ubukhona bakhe abungapheli buzoba yindlela yokuthola ukuthula kwakhe. 

Lapho ukwesaba, ukwethuka, nezinkinga zivela empilweni yakho, bheka lezimpawu ezilandelayo zokuthula kukaNkulunkulu njengoba …

·Kudlula izimo. Isikhathi esiningi, ukuthula kubonakala futhi kuzwakale ngokushesha phakathi kwezilingo nezinkinga. Kodwa noma ngabe ubhekene nani, yazi lokhu: uNkulunkulu ungukuthula kwakho. Beka ukholo lwakho kuye.
·Ludlula ukuqonda. Ukuthula kukaNkulunkulu akusiyo into esiyibona njalo. Kodwa luyasebenza futhi luyatholakala kithina-okudlula ukukwazi ukukuqonda. 
·Kuvulelwe bonke abalandeli bakhe. Ukuthula kukaNkulunkulu kuvulelwe wonke umuntu owamukela uJesu njengomsindisi, ashiye izono zakhe, alandele impilo yokuzithobela ukuholwa yizwi likaNkulunkulu noMoya Oyingcwele.
·Luyisimo esingapheli. Ezimweni ezinzima zempilo, uMoya Ongcwele ukhona ukusiza. Ukuthula-okunzulu, okwempela, okunikelwe nguNkulunkulu-kungaba "yinjwayelo" ophila ngayo usuku nosuku.

Ngesikhathi uqhubekela phambili ohambweni lwempilo, themba ukholwe ukuthi isifiso sikaNkulunkulu ngawe ukuba uzwe ukuthula okungapheli zikhathi zonke-ukuthula okuhlanganise injabulo nomuzwa wokuba nenjongo kuzozonke izinhlangothi zempilo yakho.

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Finding Peace

Udinga ukuthula empilweni yakho? Udinga ukuthula kungagcini ngokuba yisifiso kuphela? Ukuthula kweqiniso ungakuthola kuphela emthombeni owodwa-uNkulunkulu. Hlanganyela noDkt. Charles Stanley lapho ekukhombisa indlela yokuthula okuzoshintsha impilo, ekunika amathuluzi okuxazulula ukuzisola ngosekwadlula, ukubhekana nezinkinga zamanje, nokuthobisa ukwesaba ngekusasa.

More

Sithanda ukubonga "InTouch Ministries" ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://intouch.cc/peace-yv