Ithemba LinjaloIsampula
Ithemba Linamandla
Isidingo samandla ngendlela kagesi silawula umhlaba wethu. Ungakwazi yini ukuphumelela usuku lonke ngaphandle kwesomisi sezinwele, umenzi wekhofi, i-toaster, umakhalekhukhwini, noma ikhompuyutha?
Kodwa-ke, uma enye yalezi zinto inqanyulwa emthonjeni wayo wamandla, isuke ingasasebenzi.
Njengezinto zethu ezisebenza ngogesi kanye nezinto zikagesi zidinga amandla kagesi ukuze zibe usizo, sidinga amandla athathwe ethembeni ukuze siphile ukuphila okuphumelelayo.
Ithemba liyawushintsha umbono wethu. Uma sinethemba elivela kuJesu, okungenzeki kuyenzeka. Uma sinethemba, abukho ubuhlobo obunqamuka kangangokuthi ngeke bubuyiselwe. Uma sinethemba, akukho okubi okwenziweyo okungabanzima kangangokuthi ngeke kuthethelelwe. Uma sinethemba, amaketango emikhuba noma ukulutheka awalokothi abe namandla kangangokuthi awakwazi ukuqaqeka. Lapho sinethemba, singaqeda ukukhathazeka, ukwesaba nokungabaza.
Ithemba elitholakala kuJesu liwumthombo wamandla. Kusikhulula ekuphileni okungasebenzi. Kukhulula amandla ethu kuKristu. Kusenza singavimbeki.
Thandaza:
Jesu, ngiyabonga ngokungisebenzisa ukwenza izinto ezingaphezu kwamandla ami. Ungalokothi ungivumele ngikhohlwe ukuthi ukusebenza kahle kwami kuvela Kuwe kuphela kanye nethemba onginike lona.
Zindla:
Ungawuthola kanjani umthombo wamandla wethemba namuhla? Cela uNkulunkulu akusize uphile namuhla ugcwele ithemba, ukhiphe amandla akho, intshiseko, kanye nenjabulo ethembeni elitholakala kuNkulunkulu kuphela.

UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Sonke sifuna ukukholelwa ukuthi kukhona okungcono okuzayo. Futhi uNkulunkulu uyazi ukuthi sidinga okungaphezu kwezipho ezibekwa ngaphansi kwesihlahla ukuze sithole injabulo. Esikudingayo ithemba. Yenziwe yi-NewSpring Church, lolu hlelo luzokusiza ukuthi uthole amandla ethemba nokuthi luwushintsha kanjani umbono wethu ngayo yonke into ezimpilweni zethu.
More
Sithanda ukubonga i NewSpring Church ngokusinikeza lolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: www.newspring.cc