Ithemba LinjaloIsampula
Ithemba Liyisidingo
Wake wayibuka ingane ifunda ukukhasa? Izamazama emuva naphambili ize ikwazi ukuthatha isinyathelo esisodwa esincane ukuya phambili. Ngezinye izikhathi le nqubo ithatha isikhathi eside, kodwa umntwana uzimisele. Ubonisa ukukhuthazela futhi aqhubeke aze abe yingcweti. Ngisho noma izinto zingahambi ngendlela abelindele ngayo ekuqaleni, akalilahli ithemba noma alahlekelwe yithemba.
Njengabantu abalandela uJesu, kubalulekile ukuthi singayeki. Ithemba lisigcina siya phambili, ikakhulukazi kulezo zikhathi ezingahambi ngendlela esilindele ukuthi zihambe ngayo. Lelothemba aliveli kithi, kodwa livela kuMoya oNgcwele.
Ithemba aliyona into yokunethezeka; Liyisidingo. Ithemba alinakuxoxiswana ngalo njengoba silandela uJesu kulempilo. Sidinga ithemba ngoba ngaphandle kwalo, besingayeka.
Sizobhekana nezinkinga kulo mhlaba futhi izinto ngeke zihlale zihamba njengoba bekuhleliwe. Ekhuluma nebandla laseRoma, uPawulu wachaza indlela uNkulunkulu asebenzisa ngayo lezi zikhathi ukuze asilolonge: “Siyazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela; ukubekezela, isimilo; nokuziphatha nethemba” (KwabaseRoma 5:4).
Lapho sibhekana kakhulu nemizabalazo kule mpilo, yilapho ukubekezela kwethu, isimilo, kanye nethemba kukhula. Njengomntwana ofunda ukukhasa, kufanele siqhubekele phambili sinethemba lokuthi uNkulunkulu usebenzisa izinselele zethu ukusilungiselela izinto ezinkulu ezizayo.
Thandaza:
Jesu, siyabonga ngokusibonisa indlela yokuqhubekela phambili ethembeni. Khulisa ukubekezela, isimilo, kanye nethemba Kuwe.
Zindla:
Ingabe umqondo wokuthi uJesu ukhulisa ukubekezela kwakho, isimilo, kanye nethemba Kuye ungasiza kanjani ekuguquleni umbono wakho ezimweni zakho zamanje?

UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Sonke sifuna ukukholelwa ukuthi kukhona okungcono okuzayo. Futhi uNkulunkulu uyazi ukuthi sidinga okungaphezu kwezipho ezibekwa ngaphansi kwesihlahla ukuze sithole injabulo. Esikudingayo ithemba. Yenziwe yi-NewSpring Church, lolu hlelo luzokusiza ukuthi uthole amandla ethemba nokuthi luwushintsha kanjani umbono wethu ngayo yonke into ezimpilweni zethu.
More
Sithanda ukubonga i NewSpring Church ngokusinikeza lolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: www.newspring.cc