Ithemba LinjaloIsampula

Hope Is

USUKU 14 KWEZINGU- 14

Ithemba Yilo Elisihlanganisayo Sonke

Yini esihlanganisayo? Imindeni ihlanganiswe ubuhlobo begazi. Abangani bavame ukuhlanganiswa yizinto abazithandayo kanye nolwazi olwabiwe. Osebenza nabo bahlanganiswe umgomo ofanayo.

Ibandla lihlanganiswe ithemba elihlanganyelwe. Kwabase-Efesu 4 isitshela ukuthi “munye umzimba, munye uMoya, njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu; yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhabhadiso; munye uNkulunkulu noYise wabo bonke ophezu kwabo bonke, okubo konke, ophakathi kwabo bonke” (Kwabase-Efesu 4:4-6). Sabizelwa ethembeni linye; ithemba elitholakala kuphela ekuthembeleni kuJesu ekuthethelelweni kwezono.

Emhlabeni wonke, amaKristu ahlanganiswe ukholo kuJesu nethemba lokubuya Kwakhe. Ujesu wayala abafundi bakhe ukuba ‘bahambe bayokwenza izizwe zonke abafundi.’ ( NgokukaMathewu 28:19) Futhi kule minyaka engu-2 000 edlule, ithemba elitholakala kuJesu liye lasabalala emhlabeni wonke. Umhlaba usushintshiwe unomphela. Kusukela e-Afrika kuya e-Ostreliya kuya eYurophu, futhi kusukela e-Esiya kuya emazweni aseMelika, abalandeli bakaJesu babuthana ngaphansi kwebhena lethemba.

Njengoba sihlanganyela emphakathini futhi sithola ithemba komunye nomunye, sikhula ngamandla kuKristu njengabantu futhi nanjengeBandla lomhlaba wonke. Ujesu uyithemba lomhlaba, futhi ngeBandla, ufuna sabelane ngalelo themba nawo wonke umuntu.

Asidalelwanga ukuphila sodwa. Sithola inhloso yethu nomsebenzi wethu ngebandla lendawo. Ithemba lisihlanganisa sonke njengabalandeli bakaKristu. Masibumbane namuhla njengeBandla elilodwa emhlabeni wonke, sigubha ithemba elitholakala kuJesu kuphela.


Thandaza:

Jesu, ngiyabonga ukuthi angidingi ukuphila ngedwa. Ngithandazela ukuthi noma nini lapho ngizizwa nginesizungu noma ngikhohliwe ngikhumbule ithemba enginalo emphakathini wabantu ongizungezile.

Zindla:
Cela uNkulunkulu ukuthi aqhubeke avumele iBandla ukuthi lihlanganyele ngethemba Lakhe nomhlaba wonke. Iyiphi ingxenye ozoyibamba kulokhu? Ingabe ukhona umuntu okufanele ummemele esontweni noma okufanele umxhume kakhulu esontweni? Cela uNkulunkulu akubonise umphefumulo wakho.
Usuku 13

Mayelana naloluHlelo

Hope Is

Sonke sifuna ukukholelwa ukuthi kukhona okungcono okuzayo. Futhi uNkulunkulu uyazi ukuthi sidinga okungaphezu kwezipho ezibekwa ngaphansi kwesihlahla ukuze sithole injabulo. Esikudingayo ithemba. Yenziwe yi-NewSpring Church, lolu hlelo luzokusiza ukuthi uthole amandla ethemba nokuthi luwushintsha kanjani umbono wethu ngayo yonke into ezimpilweni zethu.

More

Sithanda ukubonga i NewSpring Church ngokusinikeza lolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: www.newspring.cc

Izinhlelo zohlobo olufanayo