Ithemba LinjaloIsampula
Ithemba Lingunaphakade
Wake wezwa inkulumo ethi, “Ungathuki izinto ezincane”?
Kwezinye izinsuku kulula ukuzikhumbula kunezinye. Lapho ingane eyodwa incibilika esitolo phezu kwephakethe likaswidi, kulula kakhulu ukukugcina uzolile kunalapho ababili bekhala futhi beziphatha ngokungalawuleki. Uma umphathi wakho ekunika umsebenzi owodwa ophuthumayo, kulula ukuhlala uzolile kunalapho uhlaselwa yizimo eziphuthumayo ezintathu ngesikhathi esisodwa.
Kubalandeli bakaJesu, bangakwazi ukuthola induduzo phakathi nokukhathazeka. NgokukaJohane 14:1-3, sitshelwa ukuthi esibhekana nakho emhlabeni akusona isiphetho. Ujesu uyabuya ngenxa yethu, futhi ubuhlungu esibuzwayo kulempilo buzozwakala njengenkungu uma kuqhathaniswa nenjabulo nokuthula esikuthola ephakadeni Naye. Ithemba esinalo kuJesu lidlulela ngale kobuhlungu benhliziyo, ingcindezi yezimali, kanye nemisebenzi ecindezelayo esiyithola nsuku zonke.
Lapho uJesu ebuya, ithemba lethu liyophelela futhi ligcwaliseke. Akudingekile ukuba siphile ngokwesaba ngoba uJesu usevele wasifela esiphambanweni, wavuka kwabafileyo, futhi wanqoba ukwesaba. Ukuthula esiyoba nakho phakade noJesu kuzoba kukhulu kakhulu kunokukhathazeka esibhekana nakho namuhla. Ukucabanga ngethemba Lakhe laphakade akuzishintshi izimo zethu, kodwa kuguqula umbono wethu ngokwenzeka lapha namanje.
Thandaza:
Jesu, ngiyabonga ngokunikeza ithemba ngempilo edlula izinkathazo zalempilo. Ngisize ngikhumbule ithemba Lakho laphakade lapho ngiqala ukusingathwa ukukhathazeka.
Zindla:
Iziphi "izinto ezincane" empilweni yakho ezikugcina ugxile ekucindezelekeni nasekukhathazekeni kwanamuhla?
Isithembiso sikaJesu sokubuya siwushintsha kanjani umbono wakho ngezingcindezi zokuphila kwakho?

Mayelana naloluHlelo
Sonke sifuna ukukholelwa ukuthi kukhona okungcono okuzayo. Futhi uNkulunkulu uyazi ukuthi sidinga okungaphezu kwezipho ezibekwa ngaphansi kwesihlahla ukuze sithole injabulo. Esikudingayo ithemba. Yenziwe yi-NewSpring Church, lolu hlelo luzokusiza ukuthi uthole amandla ethemba nokuthi luwushintsha kanjani umbono wethu ngayo yonke into ezimpilweni zethu.
More
Sithanda ukubonga i NewSpring Church ngokusinikeza lolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: www.newspring.cc